EGlebelands sasihleli kamnandi kabi. Sikhululekile. Sinomakhelwane ngisho bamaNdiya. Sidlala ndawonye nabantwana bamaNdiya.

Ngisho siya esontweni sihlangane. Omakhelwane bethu laba bamaNdiya sikhonza nabo emaRomeni. Kumnandi impela.

Omama bethu babexoxa nomama bamaNdiya. Kwakuye kuthi uma umama epheka imifino, bese efika umakhelwane athi, “Eyi mama, uyayithanda imifino?”

Athi umama, “Yebo, ngiyayithanda.“

“Uyafuna ngikubonise enye indlela yokuyipheka?”

Avume umama. Nempela bese embonisa indlela yokupheka imifino ibe mnandi.

Good neighbours

Kuhambe kwahamba baze bafundisana ngisho uloti uqobo lwawo. Hayi, sasizwana impela. Bekuthanda nokwenziwa ithina.

Ngelinye ilanga sezwa sekuthiwa amaNdiya aseyasuswa eGlebelands. Kwathiwa aseyohlala eClairwood. Kwasiphatha kabuhlungu impela lokho.

Sasala-ke eGlebelands. Ngelinye iSonto uFata wasitshela ukuthi asilungise ngoba sizoya kosonta eClairwood. Sajabula, sibona ukuthi mhlawumbe sizobabona abangane bethu. Nangempela safika sababona.

Emuva kwenkonzo saya emakhaya abo. Basinika iziphuzo ezibandayo. Sadlala kwaba mnandi. Sesihamba basiphelezela.