Ngihlala KwaMashu.

Ngafika KwaMashu nomndeni wami ngo-1963. Sasisuka eGlebelands. Sifika la KwaMashu kwakunendawo okwakuthiwa iseMapulangweni. Yakhiwe esigcemeni sakwa-D.

EMapulangweni kwakuhlalwa endlini enekamelo elilodwa. Kulelokamelo kuphelele umndeni. Mhlawumbe abantu abayishumi babehlala ndawonye. Kokunye uthole ukuthi abanababa. Banomama kuphela. Uziphilisa ngokudayisa utshwala.

Ngafunda eS’bonelo. Ngagcina ebangeni lesi 7. ES’bonelo zazikhona izingane ezaziqhamuka eMapulangweni.

Ngelinye ilanga sisemthandazweni wokuvula uThish’ omkhulu wasixoxela indaba. Wathi kuthe ezivakashela elokishini, wabona eMapulangweni kunekwe inyumfomu ewumbala wesikole sethu, umbala ophuzi noluhlaza. Wathi uyaziqhenya ngabazali balezingane zaseMapulangweni.

Kwakumnandi impela ngalezozikhathi KwaMashu.
KwaMashu