Emphakathini uzwa kuthiwa sekuyilokhu. Ubuye uzwe sekuthiwa yilokhu. Ungabe usalazi neqiniso. Njengalemoto ekwakuthiwa i-Black Cat. Asizange siyibone ngamehlo.

Sasizwa nje kuthiwa, i-Black Cat iphuma le eVryheid. Ithatha izingane ziyonqunywa. Ziyobulawa. Kuyothwalwa ngazo.

Uyazi ukuthi ngendaba yalesidumo seBlack Cat kwaze kwaphuma isidumbu. Wafa umnumzane. Angithi manje ezikoleni zebanga elincane, izingane seziphuma nangamawindi zibaleka ngoba kuthiwa nanso-ke imoto emnyama. Bese uyaphuma lomnumzana ethi ubheka abazukulu bakhe. Amane ahlangane nezingane ziphuma ngamafasitela.

Ashaywe uvalo umuntu omdala. Unesifo senhliziyo enjalo nje. Awe aphele khona lapho.

Kwenzeka ngelinye ilanga bayibika futhi lemoto emnyama. Zibuye zonke izingane zami ngaphandle kwentombazana encane, uZandile. Uma ngibuza kubafowabo bathi abambonanga. Ngithi, “Nkosi yami, ngizokwenzenjani?” Ngiphume, ngiqhwebe omunye umakhelwane sihambe naye. Naye ufuna eyakwakhe ingane. Sesithi phela ngahle isihambe nazo izingane zethu lemoto okuthiwa ayishiyi lutho.

Yithi labaya, sesibheke khona esikoleni. Siyafika kuthule cwaka. Athi umakhelwane asingene. Kukhona okungathi kuyakhuluma laphaya kwelinye lamakilasi.

Hayi, sinikele khona. Siyafika naba abantwana. UZandile kanye nomntwana kamakhelwane. Bahleli phansi, bayabhala. “Hawu!” Ngibabaze umhlola! “Yini kwathi zonke izingane zibaleka, nizwa ukuba kukhona imoto emnyama nahlala? Benizothini ukuba lemoto inithathile? Besiyophinda sinitholephi?”

“Bengifuna ukuqedela umsebenzi wami wesikole. Bengeza iSingisi sami.”

Ngithi, “Hawu, ngesimanga seSingisi umuntu usengaze afe! Awubheke manje ususishayise ngovalo sonke.”

Athi, “Ilokho nje, bengihlalele umsebenzi wesikole. Angifuni mina ukufana noDumisani umuntu ongasazi iSingisi. Sengiyamhlula ngokwazi iSingisi.”

Ngithi, “Umhlula nje wena sewazi siphi sona iSingisi?” Bese sihleka-ke ngoba naba sesibatholile.

Nakho lokho kwasethusa impela. Empilweni yomuntu nje uma nihleli, kuvela lokhu, kuvele lokhu. Iyona ndlela yokuhlala leyo.