Iminyaka yokuqala

Ngashada ngo-1975.

Lokhu kwalandela emuva kokuthi ngiyeke isikole. Ngo-1968 ngakhulelwa umntwana wami wokuqala. Ngathola umfana, igama lakhe uDumisani.

Ngase ngihamba-ke ngiyohlala naye ubaba womntwana. Emuva kukaDumisani ngaphinda ngathola omunye umfana, uThami. Owesithathu kwaba intombazana, uZandile. Kuthe emuva kwalo wesithathu, ngithi kwakuwu-1975, sasesishada-ke.

Sashadela esontweni laseMerika.

Sasihlezi kahle, impilo imnandi kabi. Ngangithi noma ngiphuma kobeletha anginese kahle ngingahlupheki, apheke.

Kodwa kuthe la sengithola lo owesine umntwana, uSipho, hayi kwaqala ukubheda manje. Waqala ukuthi aqonywe. Wangena esilingweni sokuphuza utshwala.

***

Ngibuya esibhedlela

UNono ngamthola ngo-1979. Ngimtholela esibhedlela eKing Edward. Umyeni wami ngaze ngabuya esibhedlela engazange ngisho azongibheka nakanye. Ngisho nokuthi ashaye ucingo nje, cha.

Bangikhipha esibhedlela ngosuku olwalandela ubusuku engabeletha ngabo. Bathi kugcwele. Ngangingenalo ngisho isenti ephaketheni. Ngathi ngiyobuza kubashayeli bama-ambulense ukuthi ayikho yini eya KwaMashu, bathi cha.

Ngabona omunye ubaba ngaphesheya komgwaqo emi phansi kwesihlahla. Ngathi kuye, “Awu, Baba, ngeke wangisiza nje noma ngerandi. Ngicela imali yokugibela.”

Ngigone umntwana, ngimgoqe nje ngegawuni. Hayi lobaba alandule athi akanamali. Ngabe uyanginika.

Ngiqale ngihambe ngezinyawo. Ngilula, kade ngiteta ngalobo busuku!

Going home from hospital

Ngihambe, ngihambe, ngibange esiteshini sesitimela eDalbridge. Ngithi mhlawumbe ngingase ngibone umuntu engimaziyo esiteshini.

Kuthe sengibudebuduze nesiteshi saseDalbridge, awu nanka amantombazane ayadayisa. Adayisa amaJuba, amakhathoni otshwala. Igijime ize kimina lena enye ithi, “Hawu nkosi yami! Uphuma esibhedlela? Uphuma koteta?”

“Yebo.”

“Uhamba ngezinyawo?”

“Yebo.”

“Uhm! Uyabonakala nje ukuthi ulula, kade ubeletha manje.”

Ithathe ingane. Imemeze enye intombazane, “Heyi wesibanibanyana! Gijima uye laphaya ethilomu uyothenga iphayinti lobisi namabhanisi.”

Sihambe nayo size siyongena esiteshini. Sifike kogadi bamathikithi. Bayayazi lentombazane.

Ithi, “Hayi ithikithi, iyeza intombazane engiyithumile nemali. Mngeniseni. Ulula lomuntu. Uphuma esibhedlela.”

Ayingazi, ibone nje ngiphethe umntwana.

Hayi, singene nempela esiteshini. Ibuye intombazane namabhanisi nobisi. Bese ihamba-ke lena engiphathele ingane iyoshaya ithikithi. Ingiphe amarandi amabili ngaphezulu. Ithi lemali ngiyothi uma sengifika KwaMashu esiteshini, ngibize itekisi liyongibeka esangweni kwami.

Awu, ngabonga kakhulu. Ngathi nje, “INkosi ikubusise!”

Ngahamba kahle njengomuntu obelindele.

Ngiyafika ekhaya akukho muntu. Noma esebuya uyise wabantwana ethola ukuthi sengibuyile esibhedlela, wamane wangazi nanokuthi lidumephi. Wakhuluma akuthandayo.

***

Ushatini kafishi

Hayi ngayihlala-ke lempilo. Sekuyilokho nje ukuthi uma intombi yakhe kuthi akayibuyise ekhaya, ayibuyise ekhaya. Uma kuthi akazohlala nayo aphuze utshwala ngikhona, ahlale nayo aphuze utshwala.

Kuthe ngelinye ilanga nje wafika nentombi yakhe. Wafika wayihlalisa-ke khona la kwami, ekamelweni lokudlela.

Wayesethi angimenzele ushatini kafishi. Nangempela ngiwenze. Uma wenza ushatini usika u-anyanisi notamatisi, kube izingcezu ezincane. Bese ufaka ufishi osethinini. Uqale ukhiphe lezinto ezingaphakathi kufishi. Ufake upelepele nosawoti. Bese uthi co, uvinika.

Ngaba ukumnika nje, wayithatha leyondishana engangimnika ngayo wayisakaza phansi. Wachitheka ushatini wagcwala phansi. Kwafa nendishi. Wathi ngenza ngendlela yami kade angifundisa.

Wathi awenziwa kanje ushatini kafishi.

Engifundisaphi? Ingani ubona nayi intombi. Phela manje uyabukisa, ukuthi angilutho.

Kusuke umfana wami-ke lo omdala uDumisani athath’ indwangu namanzi. Asule phansi.

Hawu! Ngahlala kanjalo-ke.

Fish Chutney

***

Uphuzo nezintombi

Uma kusukile nje ngelinye ilanga afike nentombi yakhe athi angiphumele phandle nezingane. Noma ngabe liyana izulu athi angiphumele phandle nezingane, kukhona into afuna ukuyilungisa. Ufuna ukungena nentombi yakhe- ke. Ngase ngazi nje ukuthi ngiphila leyompilo.

Kokunye avuke ekuseni athi uyagula. Akayi emsebenzini. Wagcina engasasebenzi nhlobo. Athi ukhathele ukusebenzela imali encane kodwa ebe esebenza kanzima.

Ngavala umlomo.

Waqhubeka nophuzo. Ngisho emini alethe izintombi kuphuzwe. Waseqala umsebenzi wokucangcatha izimoto, azipende. Ewenzela khona la eyadini. Uma ehole kahle, ayithathe yonke imali ayoyidla nezintombi. Abuye ngoba isiphelile.

***

Umgxala

Kuhambe kwahamba kwathi ngelinye ilanga ngisendlini nje nginganake lutho, waqhamuka. Uqhamuka nje usephethe umgxala wensimbi.

Uma eqhamuka nawo lomgxala, afike angimbe ngawo ekhanda, angishaye. Ngibesabathe, “Ungishayelani?” angishaye. Ngithi, “Ungishayelani?” angishaye.

Hayi lapho-ke sibambane kube inqaba. Kusuke umsindo. Kucace ukuthi ngiyamehlula ngamandla. Ngimdudulele le. Ayikho indlela yokuthi ngiphume.

Kube kuhle ngoba azikho izinsimbi ezivimbe emawindini. Esaphumile ngilivule iwindi, ngiphume ngibaleke. Ngibalekele kwa-anti, komunye umgwaqo. Kusebusuku. Ngafika ngangqongqoza efasiteleni. Wangivulela.

Kanti uphuma nje la kimi, useyongenela umfana lo wami, uDumisani. Uyamshaya kodwa akenzanga lutho. Ayishaye, ayishaye ingane, ize iphume nayo, ibaleke. Indaba sengiyizwa ngaye umfana esefika kwa-anti.

Sahlala izinsuku ezimbili. Sasesiya kwamfowethu kwa-D. Ngathi kumfowethu angisaphindeli emuva.

Wasebalanda abantwana. Wathi kumyeni warm, “Ngiyazithatha lezingane. Ngikhathele uwena udlala ngodadewethu.”

Wathi yens, “Kulungile, zithathe. Kodwa siyobona ukuthi kogcina bani.”

Nempela ahlale, ahlale afike kwabhuthi. Athi ufuna sikhulume. Kepha sasixabana njalo. Ngaze ngamtshela ukuthi okungcono akakhohlwe yimi.

Crowbar

***

Omamncane

Ngelinye ilanga wabalanda abantwana ngingekho. Wahlala nabo sebenomama abasha. Elokhu ebashintshanisa. Isikhashana ilo, isikhashana omunye.

Ekuqaleni zazihlezi kahle izingane. Ngizwe zincoma ukuthi uyazithengela. Nokudla uzipha kahle.

Lo omunye wokugcina, akangezwana nezingane. Kuthi uma kuphekwe inyama noma amavosi, ayokubeka ekamelweni athi okukababa wazo. Athi zona azibilise amazambane.

Uma zithi zifuna iklabishi, ukuthela emathanjeni, athi alikho. Azidle khona lokhu. Waqala wanemithetho enzima manje. Izingane zasokola.

Zaqala-ke ukubaleka ngayinye, ngayinye. Zaze zaphetha sezibaleke zonke.

Wayezilanda uyise. Zibuye zibaleke. Waze wathi ubhuti ake ngimyeke ahlale nazo khathi ezozwa ukufundisa nokondla.

Kwagcina ngokuthi zimbalekele futhi.