USanele uyimisa ngendluzula imoto ngaphandle kwegceke emzini wakwaKhumalo, lapho kuqashe khona uSipho. Uphuma kushunqa izintuli ezidalwe ukuma kwakhe ngendluzula.

“Kuyoba kuhle uma enesizathu esicacile ezimenze wangaluphendula ucingo lwami, wangeza nasemhlanganweni! Ingabe kuyomjabulisa yini ukuwa kwenkampani? Ngenxa yokungatholakali kwakhe inkampani isilahlekelwe isigidi samarandi. Ukube ubekhona, ngabe konke lokhu akwenzekanga!” usho ngezwi elinonya evula isango.

Okumcika ngaphezu kwakho konke uSanele ukuthi uSipho wazi kahle kamhlophe ukuthi indima yakhe ibaluleke kangakanani emsebenzini. Okumxaka kakhulu uSanele ukuthi nguye uSipho obegcizelela njalo ngokubaluleka kokuziphatha kahle uma ungusomabhizinisi ukuze zonke izinto zihambe kahle. Uhleze ekusho yena mathupha uSipho ukuthi umholi uhola ngezenzo ezinhle, zonke izinhlaka kumele zisebenze kahle nsuku zonke. USanele uvula isango, abuyele emotweni, abuke emgwaqeni. Akaboni muntu, akukho ngisho nengane eya esikoleni. Ungena ngesivini egcekeni.

Udilika emotweni ebuka imoto kaSipho. Ulunguza ngaphakathi emotweni kaSipho, abone amabhodlela otshwala amabili eceleni kwesihlalo somshayeli.

“Hawu! Kanti utshwala obumenzisa yonke lento uSipho? Hhayi bo, washintsha umuntu! Uqale nini ukuphuza utshwala?” ubabaza ebuka isicabha segumbi likaSipho.

“Ingabe ungenwe yini kanti lomuntu? Angathini nje uMaVilakazi uma ezwa ukuthi indodana yakhe ayithembile idlala utshwala?” kuqhubeka uSanele, ephefumulela phezulu. “Ngizomthethisa abuyeke kwanamhlanje utshwala lo!”

Indlela aphuthuma ngayo esondela esicabheni segumbi likaSipho, ungafunga ukuthi angeke angqongqoze esicabheni – uzovele atheleke ngaphakathi.

“Uyaganga lo! Izinsuku zize zibe yishumi engaluphenduli ucingo? Udlana notshwala nje!” kusho uSanele, anxaphe. “Baqinisile impela uma bethi kungcono ukuthemba itshe kunomuntu.”

Ufike esicabheni, angqongqoze. Uqalaza indlu kaMaKhumalo, umnikazi womuzi. Nakhona isicabha sivaliwe.

“Sipho!” kumemeza uSanele. “Vula isicabha, bafo!”

Aphinde angqongqoze esicabheni, akalindi ukuzwa izwi likaSipho. Asibambe isibambo sesicabha, kumcacele ukuthi kukhiyiwe.

“Imoto yakhe ikhona. Kusho ukuthi usalele njengoba ebephuzana notshwala,” kusho uSanele, ekhipha umakhalekhukhwini ephaketheni lebhulukwe. “Angayaphi ekuseni kangaka ashiye imoto?”

USanele uyavevezela ukuthukuthela. Ukhuluma yedwa. Uchofoza umakhalekhukhwini, afike egameni likaSipho. Uchofoza inkinobho eluhlaza, awubeke endlebeni umakhalekhukhwini. Uyawuzwa umakhalekhukhwini kaSipho ukhala ngaphakathi endlini.

“Hawu, Sipho!” kumemeza uSanele emangazwa ukukhala kwamakhalekhukhwini kaSipho ngaphakathi. “Awuvuli ngani isicabha ngoba ukhona?”

Kuthuleke cwaka njengoba elindele impendulo evela ngaphakathi egumbini likaSipho. Awuvale umakhalekhukhwini ngoba engaphenduli uSipho. Usondela efasiteleni, alunguze phakathi egumbini. Uhlahla amehlo eshaqiswa into ayibonayo. Abukisise. Ngempela umuntu lo olengayo ngaphakathi egumbini likaSipho. USanele ucikica amehlo, udidekile, akakukholwa lokhu akubonayo. Aphinde abukisise.

“Hhayi bo! Ngubani lo olengayo?” kumemeza uSanele. “Nguyena yini uSipho lona olengayo?”

Uhlanganisa izandla, asondele efasiteleni, abukisise. “Uma kunguye lona olengayo, ebelengiswa ngubani?”

Ujeqeza ngemuva kwakhe, angaboni muntu emgaqweni. Womabili amafasitela egumbi likaSipho avaliwe. Uzama ukubukisisa kahle efasiteleni njengoba nekhetheni lingambonisi kahle ukuthi nguyena ngempela yini uSipho lona olengayo. Ubona umzimba kuphela, akabuboni ubuso.

“Unqunu yini lomuntu olengayo?” kubabaza uSanele, edidekile. “Uma kungumuntu wesilisa, pho siphi isitho sakhe sangasese?”

Uhambe umqondo, uphithane. Akazizwa ukuthi umemeza kangakanani njengoba eshaqekile.

“O Nkosi, kungenzeka yini ukuthi uSipho uselengise umuntu wesifazane? Hayibo, angakwenzelani kodwa lokho?”

Usuka ngejubane aqonde endlini kaMaKhumalo.

“Kodwa uzilengiseleni uSipho uma kunguye lo olengayo?” uSanele ugijima ememeza. “Hhayi mani ngeke! Akazilengisanga uma elenga ngezinyawo!”

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi kwenzekeni egumbini likaSipho?