“Kanti ngoneni ngempela? Zamosheka kangaka izinto zami? Angikaze ngiphoxeke kangaka empilweni yami!” kusho uSanele enikina ikhanda.

“Kanti ikuphi inkinga? Izinyanga ezintathu ezidlule bezinzima kakhulu. Konke ebengikuzama akuphumelelanga,” ukhuluma yedwa ezibuza eziphendula njengoba ebuka ibhasi lakwa-Transnat elithwele izingane zesikole.

Ugwinya amathe, aqalaze ngokuqaphelelisisa, abone ukuthi ayikho imoto eza ngaphambi kwakhe. Unyathela imoto, sinyuke isivinini, alidlule ibhasi lakwa-Transnat.

Uxakekile emqondweni uSanele, ujulile ngemicabango. Uzithola ecabanga ngogogo wakhe osewadlula emhlabeni, uMaKhoza. Ulikhumbula sengathi lenzeka njengamanje usuku lapho bexoxa noMaKhoza.

“Mzukulu,” kwasho uMaKhoza. “Uma sekuzokhanya kuyaye kube mnyama kakhulu. Kuyasiza ukubekezela.”

USanele wabuka uMaKhoza ngokumangala, wathi, “Ngiyezwa, Gogo.”

“Ungawiswa ubala, mzukulu. Unganciki kumuntu, umuntu uyashintsha. Konke kulele ezandleni zakho. Uma ungazisukumeli wena, angeke ukuthole okudingayo empilweni. Impumelelo ayizi kumuntu, futhi akulula ukuthi uphumelele uma ungazikhandli wena – ukulala angeke kukusize ngalutho. Abafundile bathi, ‘work like a slave if you want to live like a king in future.’”

“Kodwa nawe, uyabona ukuthi ngiyazikhandla, Gogo.”

“Ukube kuya ngami, ubungeke uzikhandlele umcebo wabanye abantu. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe, angeke kulunge uma wena uzofeza imibono yabanye abantu. Kuzuza bona ngamandla akho, hhayi wena!”

“Kunjalo impela, Gogo, kodwa kunzima. Kulukhuni ukuziqalela into ngingedwa ngoba imali anginayo. Yingakho kufanele ngincike kwabanye abantu okwesikhashana.”

Kuhlengezela izinyembezi kuSanele njengoba ekhumbula amazwi ayeshiwo uMaKhoza.

“Ungalinge ujabulele imadlana! Lomuzi kumele wakhiwe kube ikhaya elinomnyeni nonkosikazi – izingane zigcwale igceke. Ungalinge ulingise uyihlo owashiya unyoko nezingane wayokipita emzini womfelokazi eWitbank!” kwasho uMakhoza, ukuthukuthela kugcwele ebusweni.

“Ngeke ngenze njongobaba mina, Gogo,” kwasho uSanele.

“Ngiyojabula uma kunjalo. Okunye okufanele ukwazi ukuthi qhubeka ufunde, uhlukane nabangani abangathandi ukufunda! Uyayithanda yini lempilo osuyiphila? Ingabe kumnandi ukuhlala uthamele ilanga nsuku zonke?”

“Ngiyazama nje, Gogo. Ngivuka nsuku zonke ngibheke izikhala zemisebenzi ephepheni. Nawe, Gogo, ungisola noma isidingo singekho.”

“Lalela, mzukulu,” kwasho uMaKhoza ebuka uSanele ngamehlo agcwele uthando. “Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale.”

Kuhlengezela izinyembezi kuSanele. Ukwenzile lokho amuyala ngakho uMaKhoza, wabona ukuthi umsebenzi akawutholi, wasukuma. Bahlangana noSipho, umngani wakhe wakudala, baqala umsebenzi wama-tender. Konke bekuhamba kahle kodwa nakhu manje uSipho akasaluphenduli ucingo. Sekudlule isonto lonke uSipho engaphenduli.

“Kusobala ukuthi ngigibele isitimela esingeke singifikise lapho engifisa ukufinyelela khona,” kusho uSanele ekhuluma yedwa lapha emotweni, ephuthaza iduku ephaketheni lebhulukwe. “Usengishintshele uSipho ngimthembile? Kodwa ngizoqala ngimbheke kuphi uma ngingamtholi kwaKhumalo?”

Akasinakile nhlobo isivinini ahamba ngaso uSanele njengoba eyinyathela kakhulu imoto edlula eTheku Plaza.

Ihamba ngesivinini esiphezulu imoto kaSanele. Ungafunga ukuthi akanandaba nayo njengoba engasehlisi isivinini noma ezodlula kuwo amabhampu. Ukube kuya ngaye ngabe usefikile kwaKhumalo manje. Ufuna ukuma phambi kwakhe uSipho, babukane ezinhlamvini zamehlo, ambuze ukuthi ikuphi inkinga.

“Waze wangigila uSipho izolo,” kusho uSanele enikina ikhanda, enxapha. “Kumele ngimshayele izandla uma ngifika kuye. Uyayenza into yakhe. Ubukise ngami ngaphenduka isilima ngenzana nomsebenzi wakhe. Usewashabalalisile amaphupho ami. Angisayiboni inqubekela phambili.”

Ubuka imvelo ngaphandle-amathafa nezihlahla- njengoba enyusa isivinini semoto. Uzama ukwehlisa umoya ngokubuka ngaphandle. Akupheli umzuzu owodwa ebuka imvelo azizwe eshaya umthandazo omncane.

“Siza, Mninimandla wonke. Indlela eya empumelelweni isivele yaba mnyama. Siza Mninimandla wonke, ulethe ukukhanya. Ngenelela, ngingaze ngibe inhlekisa ezweni. Akuhambi kahle uma kunje. Asikaqedi ukhwakha nesokuqala isikole, kodwa uSipho wenza kanje? Sizoziqeda nini lezi ezinye ezisele uma yena eqhubeka kanje? Hawu, kanti ukuthemba umuntu kunje?”

Ujulile ngomcabango, akaboni nokuthi irobhoti leli asondela kulo ngesivinini esiphezulu. Futhi nalo irobhothi livalile. Kukhona inqwaba yezingane ewelayo. Uyimisa ngendluzula imoto erobhothini kuze kukhale amathayi.

“Lingenzani kodwa irobhothi? Ngathi liqeda ukuvula nje, seliyavala futhi!” kusho uSanele, ephefumulela phezulu kuhle komuntu obegijima. “O Nkosi! Sengicishe ngalimaza izingane ezingaka pho! Bengizochaza ngithini kubazali bazo?”

Uphakamise izandla, exolisa ezinganeni ezithukile. Amehlo akhe abheke ngqo emibaleni yerobhothi njengoba lisaveze umbala obomvu. Kunkenteza ikhanda ecabanga izizumbulu zemali ayiboleke ebhange ukuze baqale umsebenzi wokwakha izikole. Uzinwaya esiphundu ngoba ebona izithombe zigijima emqodweni zabantu basebhange befika bezothatha izimpahla zakhe ngoba ehluleka ukuzikhokhela.

“Konke bekuhamba kahle. Kanti yini inkinga yakhe uSipho?” unikina ikhanda, ebuka imibala yerobhothi. “Kuchaza ukuthini vele lokhu akwenzayo? Izinsuku zize zibe yishumi ucingo lwakhe akalubambi, akabuyi kimi noma sengimshiyele imiyalezo engaka? Ujike akezi nasemhlanganweni obaluleke kangaka!”

Ngaphansi kwalo irobhothi kulenga indaba eheha abantu ukuba bathenge iphepha. Kubhalwe isihloko esithi: ‘Umalugaju ‘Indoda Yejazi’ isoconge 3.”

“Konakele ezweni,” kusho uSanele ngezwi eliphansi.

Liyavula irobhothi, ayishaye izule imoto.

***

Sitshele umbono wakho: Wake waba sesimweni sokuphoxwa umuntu omthembile wangabe esaluphendula ucingo lwakho? Kwakwenzenjani? Waqhubeka kanjani emuva kokuphoxeka?