Waze washo kamnandi umculo
Ilanga lishisa laze layoshona
Ekujuleni kwenhliziyo kupholile
Phela kunalona okhethekileyo
Othembekileyo phecelezi othandiweyo

Waze washo kamnandi umculo
Lowo umculo oshaya lapha ngaphakathi kweyami inhliziyo
Ungikhumbuza izinsuku zethu lapho khona wakhanyisa umhlaba wami kwaba othandekayo
Lo mculo ulokhu ushilo kamnandi kungathi ngingadansa ngibuye ngizibambe
Ngizidedele ulokhu ushilo umculo

Waze washo kamnandi umculo
Namhlanje ngithokozile ngijabulile
Ngikhululekile ngiphumulile
Waze washo umculo ulokhu upholile
Usho iculo elimnandi elingithokozisile
Intokozo yami ingizalela isibusiso ngihlale ngibusisekile
Ukuhlupheka akusekho kimi

Nasi isiqalo sendlela eya empumelelweni
Izinyembezi angisazazi sengazi ezenjabulo kulesi simo engime phezu kwaso
Sona sihle ngingakuchazela ngoba nawe ungafika uzibonele
Waze wamnandi umculo
Ukuhlupheka kwaphela sengisentokozweni ngithokozile
Angisekho ngedwa angisaphili ngedwa
Sengiphila nengilosi engiphethe kahle engiyisa nasemazulwini
Iyangindizisa ngamaphiko ngiye lapho ngingeziyise khona
Nginobufakazi nofakazi angeke abufakaza
Ngineqiniso elingeqiniswe muntu ngaphandle kwami
Nginomlando ongelandwe ndawo ngaphandle kwami
Waze washo kamnandi umculo

Dedicated to Sanelisiwe Ncisana