Ngiyimbongi engadumile ez’dlulisela umlayezo nje ngempilo engaqondile
Beng’hamba izolo ngaz’thola sengintingaza emathuneni
Balele kodwa iy’nhliziyo zabo zigaya iz’bozi
Ngibabuzile ngamunye ngamunye isizathu sokuthi baz’thole sebelele kulendawo
Iningi labo likhala ngothando lwamanga
Bathi noma sengingahamba ngingene ezibhedlela bayong’khonondela ngothando lwamanga
Ngisho nalaba ababoshwe ngamaketango ingenxa yalol’thando

Lena imbongi engadumile ez’dlulisela umlayezo nje ngempilo engaqondile
Kanti laba esebeke bamuzwa bamazi kahle uSonkondlo Kamancakadane
Isuka muva likholwa izagila
Sekukhuluma indlovukazi khokhokazi ozala ukhokho
Uthi lentsha yama 2000 ayilazi nhlobo nakancane uthando lwangempela
Kade yaphela leyonto
Zinqunywa amakhanda ziyekwe salukazi sami
Bayeke ngeke bakhuzeke
Ngake ngasho ukuthi kwangqingetshe bazofika
Baqalekisiwe abanayo inqubekela phambili banqandekile
Sekwaphela ukuba iqhalaqhala
Sekuqaqamba nenhliziyo iquma ub’suku nemini
Yingakho sengiy’qamba igama elithi uNqabangayo
Lapho sewuthi upholisa inhliziyo kuqhamuke omunye azoy’qhaqha ay’qale phansi
Uqaphele naye akezanga ngeqiniso
Ningathuki Niy’bona inqunu lenhliziyo nayo ingaqgoke lutho iqhaqhazeliswa amakhaza
Unembeza sewaphuma wabaleka emzimbeni
Uqubule iy’cathulo zakho ubaleke mayesethi uyak’thanda
Uqonde enkosini uguqe uthandaze ngoba impangele enhle ikhala igijima

Kusey’yona lembongi engadumile ez’dlulisela umlayezo ngempilo engaqondile
Inkinga yethu ukuthi thina siyathanda ukwakha lokhu esingadalelwanga khona
Ngizon’luma indlebe ngizon’landisa nginxwayise ngothando lwamanga
Ngikhuluma nabafwethu izinyembezi zigeleza okomfula
Ngingekafiki nakuphi nje ngabona amaconsi izinyembezi phansi
OkaMvulane omuhle owayeseduze nami wang’bamb wang’hlalisa phansi
Ngezwa isandla sakhe sing’thinta ehlombe
Ngenhloso yokung’duduza ngoba zonke izinhliziyo zethu ziphukile
Uma ingekaphuki isazophuka nawe qaphela
Ngezwa ibandla lonke elabantu asebaphuk’ inhliziyo sel’shwabula

Ngiyimbongi engadumile ez’dlulisela umlayezo nje ngempilo engaqondile
Beng’semakudeni zang’biza izinyanya zakithi zathi az’buyele zonke iy’mbongi
Zona ezikwazi ukuhlaziya isimo bas’phendule amagama
Afike eshaye maphakathi kwenhliziyo okomkhonto ocijile
Emhlabeni bayanidinga
Uthando lunihlinzela ezibini
Kube kuya ngami ngabe ngithatha zonke lezindadatho ngiz’jik’jele emabibini
Ngoba manje nisothandweni lweconsi lomkhongolo
Emuva kwazo kugcwele inkohlakalo nezinyembezi zegazi
Ngiphambuke ngihamba emgodini omnyama ngoba ethi uyang’thanda
Egcwalisa ameva ahlabayo enhlizweni
Ngihlangabezane nembibizane
Udad’wethu useyithathile intambo way’phonsa es’hlahleni
Wase ey’xhumanisa nentamo
Umfowethu yena usethathe into ekhala kanye kumemeze wonke umuntu
Waz’cisha ngenxa yothando lwamanga
Ohlabekile ngalenkondlo ngiyamduduza