Igama lakhe uThembalami
Uzinyo bulala wami
Ukuphela kwakhe
Siqalo nokuphetha kwami
Ubelithemba lami
Uzelwe yedwa
Akanaye umfowabo
Akanaye udade
Uyedwa kubo kwabo
Ubelithemba lami
Uvuke ekuseni kusampondo zankomo
Eyobheka amathuba kumjampi
Bahlasela bamubulala engenzanga lutho
Laphela lapho ithemba lami
Ubelithemba lami
Mbulali ubungeke umbuze yini
Ukuthi uzoshiya bani
Uhlala nobani
Uzokwenzani
Wangibulalela ithemba lami
Leso sidumbu esilele lapho esomntanami
Ubeligugu njengegolide
Ekhazimula kimi njengesiliva
Namhlanje akasekho
Ubelithemba lami
Noma ngikhala
Njengeqhude entathakusa
Ngeke ngisalibuyisa ithemba lami
Lifice umkhawulo
Themba lamathemba ami
Namhla ngidla amathambo engqondo
Woza ntambama mphimbo uzokwehlisani
Amanzi uphuthu lwami
Obezama useshabalele njengamazolo
Ubelithemba lami
Hamba themba lami