Ngibonga ukungamukela
Nami sengamukele ukuthi inhliziyo yami ikwamukele
Uma ngikubona kuvele kuhlehle izihlathi
Kugubhazele uthothwane uma nginawe
Uma lishone ngingakubonanga ngiye ngithole ukudumala
Inhliziyo yami iqaqambe
Ngizwe ingqondo iqhekeka
Ngiqhaqhazele uqhoqhoqho
Indlela engikuthanda ngayo angiyiqondi
Khona ngizamile ukuyiqondisisa kodwa angiyiqondi

Uyangisanganisa
NgesiXhosa uyangiphambanisa
Sengathi ngingagibela izintaba zoKhahlamba ngibatshele bonke phela ukuthi ngiyakuthanda
Uma ngizwa iphimbo lakho elimtoti kuvele kuchitheke inyongo la kumina
Ngempela uyitshontshile inhliziyo yami
Kodwa khululeka angisoze ngakuvulela icala
Hhe ngikutshele into ongayazi?
Njalo uma ngiqeda ukuphendula ucingo lwakho ngiye ngidanse
Ngoba phela inhliziyo yami isuke isimhlophe

Wena uyisizathu sokuthi ngizithole ngimamatheka
Ngimoyizele uma ngihleli ngedwa
Ayipheli imizuzu emibili ngingathanga jeqe kumakhalekhukhwini
Ngoba phela ngisuke ngilinde umlayezo ovela kuwe
Sthandwa uyangijabulisa
Uyanganelisa kungakho ngikubalulekisa
Njengamanje ngiyakwethembisa
Akekho oyothatha isikhundla sakho enhliziyweni yami
Uthando enginalo lunzulu lujulile enhliziyweni yami
Sthandwa sami mina nawe siyohlukaniswa ukufa
Ngiyakuthanda