Empeleni angikuzondi ngoba wadlala indima empilweni yami
Wangenza ngafunda ngaqaphela bonke abasondela eduze kwami
Wangenza ngathemba ngilokhu ngidedela nganeno
Ngoba ningabantu niyahluleka ukuhlala kulelo gama
Umuntu niyamenza niyamdlala
Endleleni niyamshiya niyamlahla
Empeleni angikuzondi ngiyakusaba
Wangenza ngafunda ngadela
Icala lami lokuqala ukukuthemba
Kanti uzongiphoxa uzongenza

Sitha sami
Angikuzondi ngoba wadlala indima empilweni yami
Noma ngingaseyilutho kweyakho
Ngikufisela konke okuhle
Ubobheka ungashaywa yizinduku zakho
Ubobaqaphela nalaba obabiza ngabangani bakho
Sitha sami