Isililo sizwakala ekudeni kaze kufa sewufike wona kuphi…

Thina sizosala sibe yini engasekho umama?
Amaphimbo abantwana bezibuza beziphendula!
Bewungeke udukele kamakhelwane mhlawumbe?
Sisebancane thina, ulinuku!

Angazi ikhonakuphi okungcono
Mengiphosa amehlo ngale kwentaba
Ngizwa kunokukhala nokugedla kwamazinyo
Impilo esiyiphilayo isifuna abaphansi!
Uthwele izandla ekhanda umzali
Kufike umbiko ukuthi lo obeyithemba lakhe usephangalele

Angithi phela ukuhamba kwethu sekwaba yimpicabadala
Indlela asisayibuzi kwabaphambili
Siyadwanguza kuhle kwezalukazi zihanjelwe ingqondo
Nakho phela banokuzifaka izizwe

Silahle amasiko
Nezingane zithi zingakhula ziyofuna oyise ababaphika bezelwe
Ubuhlungu buhlaba kuhle komuntu ochonywe ngomkhonto
Igazi lomuntu liyagobhoza wena owabona umfula
Sabelani bantu abadala siyanidinga

Bubulani bobaba kanti lamajazi enkonzo enivathe ngawo asizaphi
Sibulawa yini, sihlukunyezwa yini maqede niphumele emphakathini
Nishumayele ivangeli nize nicokame
Oninamkhulu bayaphenduka emhlabathini
Lempilo isifuna bona

Sithunukala njalo uma sibheka lapho esiqhamuka khona
Siyopha ngoba izilonda zokulahlekelwa azipholi
Kuphela amabhandishi, nothando lokuzigeza lushabalele
Kusizani ngoba vele nenqubekela phambili ayibonakali
Inkungu igcwele amafu imigodi siphoseka kuyo singayiboni

Imihuzuko yothando kwabanye imfimfa igazi
Ubone ongcono ubaba wekhaya washiya kukhalwa nendlala ibhokile
Esikoleni mina angizwa lutho ngihambe isisu sikhala ezayizolo izikelemu
Ngisele nethemba lokuthi uMdali uzongikhusela ngize ngiphumelele!
Uma sikhuluma iqiniso akusiyo impilo ecelwe yimi le
Kodwa ukuphokophela ngizobambelela kukho

Siyashweleza emadlozini, siniflathela maqede siyonikela ngezizumbulu
Kubafundisi abanibiza ngamadimoni
Lempilo isifuna nina zinyanya zethu
Phendulani uLwandle sinibone ninyathela emhlabathini
Hubani amahubo azovusa izithunywa
Lahlani amathambo okungenani niguqule umhlaba
Siphumeleliseni silethe ushintsho ekhaya
Nisisekele nampa nabathakathi babhokile
Sikhanyiseleni nishintshe ukwenza
Nalo ophethe isikhali asilahle phansi.

Sithembe nina ngoba lempilo isihlulile
Thokoza!