Sathula konakala,
Sathula sizwa isililo sabesifazane,
Sathula sabukana sengathi akonakele lutho,
Sibe sazi kahle ukuthi kuchitheka igazi usuku nosuku,
Sibon’ abesifazane bebhonywa mihla namalanga,
Sibona imivimbi nokuhlukumezeka kuhaqe amehlo abo,

Sathula konakala,
Sathula silubona udlame lubhekisw’ ezinganeni,
Sathula sibona esakhelene nabo behlukunyezwa,
Sathula sengathi akonakele lutho,
Sibona izwe lihaqwe ubumnyana nobudlova,
Kaze kuyolekelela bani uma thina siyiziba lengwadla.

Sathula sisizwa isililo sezingane zihlukunyezwa,
Sibon’ abenzi bokubi becanasa izwe lonke,
Sathula sizibona izandla zilichitha elabesifazane nezingane,
Sabukana sengathi akwenzakele lutho.

Sathula sabukana saphenduka izikhomololo izwe lonakala.
Kwenzenjani ma-Afrika?
Salala ubuthongo sizwa abesifazane nezingane bekhalela usizo,
UMzinyathi uyoze uphuphume igazi silokhu sisonge izandla konakala.
Kaze sothula koze kube nini?