Ngawe ngiyazifela
Ngawe ngiyazithoba
Wena ungisuse lapha wangibeka laphaya
Ungenza umuntu ebantwini
Kepha mina ngakhetha ukukwenza inkomo esibayeni
Ngithi ngiyaxolisa Thembalami

Phela othandweni lethu
Injabulo nemfudumalo bekusina kudedelane
Kwazise phela uthando lwethu
Kepha mina nezenzo zami
Sakhetha ukukujabhisa
Ngithi ngiyaxolisa Thembalami