Ngisize mntanami lapho ngiphelelwa ngamandla khona
Ukhone ukuqhubeka nendlela ebekade sengiyiqalile
Lendlela ekade sengiyihlakulile
Mhla ngihluleka ukulibamba leligeja
Uqhubeke mntanami nokuhlakula

Sengiqalile ngakuvulela intuba
Sekungokwakho ukuthi ulithathe lelithuba
Ngisize mntanami
Lapho sengiqhaqhazela
Ngingasakwazi ukuzimela
Ungitakule, ungitatamise
Kulomhlaba ungalinge uzithambise

Mntanami sikwethe igama mina nonyoko
Uze usisize ulilandele
Mhla ngagoqana kobandayo uze wazi ukuthi ngobe ngingekho ngokomzimba
Kodwa ngokomoya ngizobe ngikuvikela uma sekunzima
Lapho sekumele uzibophezele kuleyo ndima
Oyobe sewuyidlala kulomhlaba ohlabayo
Mntanani uze ungisize ubheke abantu ohlekisana nabo
Ngoba ungahleka nabo kodwa akubona bonke abakuthandayo

Mntanami wazi ke ukuthi alikho iqiniso kulomhlaba
Sekwaba khona ukungezwani ngokobuhlanga
Ubani nobani sewenzela esakhe isikhwama
Lalela ke mntanami ungalinge uvume nje ukuba yisichaka
Noma kungabe sekunzima kanjani ulandele izimfundiso zethu singabazali
Sikwazile ukukukhulisa yize besingenamali
Ungavumi bakugibele ekhanda mntanami
Angifuni uphile impilo efana neyami
Yensokolo, yokusebenza kanzima kodwa kube ngathi awenzanga lutho
Imisebenzi yakho iphelele eze leze
Uma sebedelile ngawe bathi uluhlupho

Ndodakazi yami ake uhlale phansi sikhulume
Lamazwi engizowasho kuwe ngicela uhlale uwakhumbula
Uma kuba khona okukuphatha kabi ukhulume
Ngoba ukufela ngaphakathi kuyokwenza ube nenzondo kanti ukube
Ubhodlile konke bekuyodlula ukuze ungasali ububula
Lalela ke ndodakazi
Kuzobakhona isikhathi lapho kuzofika abafana bethi bayakuthanda
Yazi ke ukuthi ngamanga lawo
Bazobe befuna ukukuphula inhliziyo bekumoshele impilo bekushiye nosana
Bajike bengalondli nalo lolosana maqede bakwenze isidlalo sabo
Yazi ke mntanami ukuthi alukho olunye uthando oyoluthola oluyodlula olwami nonyoko
Mhla wangena engxavuleni eyodinga umtakulo
Ukhumbule ukuthi indlovu ayisindwa umboko wayo
Ngakhoke sobe sikhona sinonyoko ukukusiza sikubonise indlela elungileyo

Ngisize mntanami
Ufunde uqede isikole njengoba nathi sinonyoko senza
Kodwa endleleni yemfundo bese ubheka abangani bangakudidisi
Noma uba nabo abangani kodwa ungabi yibona, uyezwa?
Ketha abangani obabonayo ukuthi banekusasa empilweni, eyakho bengayibhidlizi
Yazi ke mntanami ukuthi kuleli lakithi izwe
Sekwaqashanwa ngobungani nangemindeni
Ungizwe!
Sekuya ngokuthi wazi bani, uhamba nabobani
Noma uhamba nabo kodwa bona bazi obani
Wazike ndodakazi ukuthi noma sewufundile waqeda
Wanenhlanhla yokuthola umsebenzi
Uzibheke mntanami ngoba sekwagcwala nokukhwabanisa
Kodwa ke yize kunjalo
Noma ngabe ucasuke kanjani ungalinge uyithuke inhlamba

Mntanami singabazali bakho
Siyethemba kuthi uzozilalela zonke izimfundiso zethu sinonyoko
Kwazise phela mntanami Sithembile
Sifuna nezitha zakho uzishaye ngemfundo nangolwazi
Bese uzingcwaba ngempumelelo
Ngoba uyobe uGabisile
Ngolwakho ngqondonkulu uphaphe
Ngisize mntanami, ndodakazi yami
Uze ungasiphoxi sinonyoko
Ngoba sekunguwena wedwa iThembalethu
Nguwena oyoThwala lomndeni kusasa
Nogogo nomkhulu bakho bayojabula Banele