Nginezicubu zothando esasala kuntando
Mhla ngithatha isinqumo sokushiya untando
Engani benginothando lwantando
Nentando yothando ngithi ngizoyithola kuntando
Kanti olweqiniso alubonwa

Isicubu senhliziyo sasala mhla ngithatha isinqumo
Ngingezwa ngakhohlwa ukuthi ngenkathi sithandana sasibabili
Nginesicubu esasala kuleya nhliziyo
Bengithi ngihleli entendeni yesandla santando
Kanti unentando yothando lomunye umuntu
Lapho ukhona uhleze wazi ukuthi nginesifiso sokulanda
Isicubu senhliziyo yami esasala ngephutha
Ngisho ngifisa ukusilanda inhliziyo iyenqaba ibuthaka
Unembeza uyaxokiza uyavuma kodwa igazi liyangishiya
Liyoba linye ngiyethemba ngisayosifica
Isicubu esasala kuntando