Nyok’ engashawa nduku
Nyok’ enofezel’ ekhanda
Ngibathe ngiyayiquza
Yangibuka yahwaqabala

Nyok’ enophondo emsileni
Nyok’ ehamba emzileni
Ngibathe ngiyayicinga
Yakhuza yababaza
Yagwinya abantabayo
Yashoshela phambili

Uyothi wabonani
Uyothi wenzani
Ungasizwa isililo sabantwana babantu
Babhungukile abantu
Bashiya amakhaya
Bangena ngezimbambo
Baphuma ngezimbambo