Mhla ngidabula amafu kunesimanga eniyosibonayo
Mhla ngilala unaphakade bayofakaza amanga ngami
Bayothi bayangazi bonke zwanini ngami
Izitha zami zozenza msulwa zikhale esika Nandi isililo
Ngibe ngifunga ziyobe zijabulile ngaphakathi
Phela kobe kulele iqhawe ebelibadlisa ngama payipi

Mhla Ngifayo
Bayongibhala ko Facebook bethi bebengazi
Bayogijimela ukubuza ukuthi ngibulawe yini ngathi bazongivusa
Bayogijimela ukubhala o R.I.P sakungithanda
Bahlulwa ukungithanda ngisaphila Mhla
Ngifayo bazi kahle angisokuphindela emhlabeni

Mhla Ngifayo
Bayofakaza konke ngami
Bayothi bebephila nami bayangazi
Bayazi ngeke ngisaphindela emhlabeni ngibaphikise
Kwazise ngizobe sengithule ingunaphakade
Ngiyakholelwa ngiyobe ngilele eceleni ka mama

Bayozikhalisa sakulahlekelwa ngize ngifakwe emgodini
Mhla ngiyobekwa ethuneni bayoculela phezulu sakungivalelisa ngamandla
Bayokwenza engathi bafisa ngabe angihambanga
Ngebhadi abantu abasenawo unembeza
Mawufa abasanandaba sekwaba isiko kubo
Sekwashintsha isikhathi nokwenza

Mhla Ngifayo
Bayongifaka ethuneni bengigqibe ukuze beneliseke ukuthi ngihambe ngempela
Akekho oyotshengisa ukuba buhlungu ngami
Bayobe bezenzisa sakuzwelana ngami

Mhla Ngifayo
Khona engiyofisa ukuhamba nabo kodwa ke
ngafika ngedwa futhi ngohamba ngedwa
Ithuna lami lenele mina ngedwa
Ngicela ningangikhumbuli ngobe sengiziphumulele
Mndeni wami

Makwenzeka ngicela ningibhekele abantwana bami
Nibafunze uthando nenhlonipho kanye nempatho
Ngibafuna bephumelele nibafunze nanemfundo
Konke okwami kuyolungiswa yibo
Ngiyobabheka sengiyidlozi okanye ingelosi kubo
Oyobahlupha uyowuthola umvuzo
Kangisho lutho ngiyaniyala nje

Mhla Ngifayo
Bayogijimela izinto zami engazijulukela
Bayokhohlisa abantwana bami bengatholi lutho
Bantwana bami konke okwami okwenu
Ze masenixakeka okanye sekubangwa impahla yami nibafundise le nkondlo
Konke okwami okwenu
Ngiyobhala ngisho phansi enkantolo
Konke ngokwenu ngisho izitolo
Angifune zitori
Nihlakaniphe nivuse imizi yami

Mhla Ngifayo
Ningangikhumbuli ngoba akukho okuyophenduka
Niyozikhala izinyembezi kodwa ke
Angisanakuphindela emhlabeni…