Phila muntu
Phila phakathi kwabanye abantu
Zithobe ukuze nabanye bazithobe kuwe
Igazi lethu lihlanyela ikusasa leAfrica
Umsele wavuleka mandulo
Okhokho bayicenta indlela
Uhambo lusemaqaphelweni
Khulula inhliziyo uthola ukhiye
Amasango avuliwe
Amaketango agqashuliwe
OkukaKhesari akubuyele kumnini

KuNomkhubulwane sabhunguka sahlubuka.
Asizazi singobani
Sigcwele izinkalo
Sicasha ngezithupha zabavela ngemikhumbi
Sikhothama kubona
Izimpande zigqitshwe namaphupho
Ibugqamama okwelanga lasebusika
Ngomlomo sibumbene
Ukwenza kuyaphikisa
Mhla lezindonga zidilika
I-Africa izohlangana