Mama kwakumnandi niqhub’ uthando lwenu nomlisa engingamazi
Kwakukuhle kumnandi othandweni lwenu nithembisana elwasofa silahlane
Kungekho okuniphazamisayo empilweni
Nami kwakungayona intando yami ukuba ngibe kulomhlaba wami ngedwa
Kepha isiphetho asibanga sihle

Kubuhlungu ngoba angikwazanga ukuba kuwo lo ohlabayo
Angikwazanga nokudlala nontanga bami abadl’ anhlamvana
Ngingasaz’ isono sami ukuthi siyini
Nibe nayo inzondo ngami
Nangafuna ngisho nokungiphatha ngezenu izandla
Anifunanga ngisho nokungibona nje ngawenu amehlo

Mama nawe baba ngingubani igama lami bayangibuza okhokho
Ngiyadinga ukulazi nami elami igama
Ukuze ngihlangane nabo bangamukele
Ngisehlane elimnyama angikwaz’ ukukhanya
Ngibhacile ngoba angigqokile lutho futhi ngiyagodola
Bengithi ngiyohlangana nokhokho bokhokho benu
Kodwa bayangixosha bathi abangazi ngingubani
Ngoba angibikwanga kubona
Mina ngizothi ngingubani ningazange ningiphe elami igama
Ngabe kwaba ngcono nokuthi nangiqamba ngophutha liyenzeka
Noma ningibize ngokhiph’ isisu
Kodwa okusalayo ngangizoba nal’ igama
Ukuze bangamukele
Mama ngingubani ngiyadunga ukuzazi