Lwanginakashela nkombose kababa
Kazi kwakhala nyonini lapha kimi
Ngisabathe ngiyabaleka
Kanti babophe amafindo otshanini
Bhu! Phansi ngashayeka ngekhala
Vo vo vo kuvuza igazi

Lwangingqiba usizi ngacwila
Kwavaleka amakhala nezindlebe
Kwangaphefumuleka ngangezwa
Ngapaquza ngithi ngiyabhukuda
Hhebhu ngidliwa ushaka eqhuzwini lezinqa

Lwangimboza usizi ulwandle lwaphenduka igazi
Kwanuka igazi ulwandle lonke
Balamba oshaka basondela nganeno
Ngithe ngithi ngiyatshuza kanti sebengikakile
Elokufa kalitsheli dadewethu kababa

Lwangilandela usizi kwaqhuma isililo
Nakhu kwaNgema sekuyagcwatshwa futhi
Sekushone bani manje
Bathi ingane yakhona izilengisile

Lwanginamathela usizi ngathwala izandla ekhanda
Zehla zilandelana izinyembezi
Amazwi enduduzo aseyaziginqikela lapha kimi
Kusagcwele amazwi ezidlebeni kangizwa
Namakhala asabuhlungu phela ngihilwe ngamanzi

Lwangizuma usizi ngazibhuquza phansi
Ngazibhuquzisa okwengane encane
Langilandela usizi ngisho sengibalekile
Langibulala usizi ngangcwatshwa ngafa fi
Lwangihenga ngathula du
Lwangiklinya kwamnyama bhuqe
Lwangibhonya kwabomvu tebhu igazi