Lapho ngiqhamuka khona yilapho umuntu wesifazane ebefundiswa indlela yokuziphatha
Kulapho intombazane yayivuka ekuseni kusempondo zankomo iyokha amanzi emfuleni
Kulapho kusamele ibuye namasimu alindile
‘Ihlobo leli,’ nokusa kuyashesha kumele lithi liphuma ube sewukubona osukwenzile kosuku

Lapho ngiqhamuka khona kuseNdwedwe
Intombi eqhamuka lapho kuvela mina khona uyibona ingena
Uyizwa ivula umlomo ukuthi ifundisiwe
Nabadala bethu bafundisile indlela umuntu wesimame ekumele asebenze ngayo
Ngoba phela umendo awuthunyelwa gundane
Siyasho isiZulu, “Ihlonipha nalapho ingayokwendela khona.”
“Wadla Ndwedwe kanti nawe awumcinyane.”

Maye! Uma ngibheka izintokazi zesimanje kumane kuhlengezele izinyembezi
Ngizwa amantombazanyana esimanje
Ngizwa nginesilokozane uma ngibuka osekwenzeka manje