Kungani Mama?
Kungani Mama wangishiya nomthwalo ongaka?
Ngiyazi Mama ukuthi sewalala kobandayo
Mina kungani wangishiya koshisayo?
Ubusuku nemini ngihlezi ngibheke ukuthi uzongena ngomnyango kodwa lutho
Kungani Mama?
Nalomthwalo owangishiya nawo wokukhulisa abafowethu uyangisinda
Bangibuza mihla namalanga
Bethi muphi uMama?
Ngizothini mina ngoba nalamanga engabakhohlisa ngawo sebawabamba
Okuthi wahamba waya eGoli uzobuya ngoZibandlela
Buya phela Mama noma ngephupho lokho kuyongithokozisa
Mhlampe uyongipha ngisho isibindi sokubhekana ngqo nabafowethu
Ngibatshele iqiniso elithi angeke uphinde ubuye
Angeke uphinde ungene ngalomnyango esihlezi siwuvulile
Siwuvulele wena Mama ubusuku nemini
Kungani Mama?
Ngabe ngithi buya Mama uzolanda mina
Kodwa lokho angeke ngakusho ngoba sekwaba imina ithemba nephakade labafowethu
Buya phela Mama ngephupho uzosho ukuthi wahamba kanjani
Lokho nje kukodwa kuzothokozisa uMthokozisi wakho umoya
Lala kahle Mama