Lafa laphela elikaMthaniya lingasaqali
Lasholongana isimanga elikaPhindangene ephumile
Safa saphela ma-Africa nithuleleni na?
Umuntu akasakwazi nokukhwehlela ngokuthula
Usubona abantu bekukluluza kabi
Becabanga ukuthi hleze usunaso lesi sifo
Umbulalazwe, umashaya abhuqe
Umakoti wemizi yonke
Into eshaya isicebi iphinde ishaye impofu

Kazi Mdali soneni kangaka?
Kanti baqinisile uma bethi izono zabazali ziwela ebantwaneni?
Hleze nje sijezela izono zokhokho bethu
Kholona Vayilasi uyijele laphakade
Awusayizweli ngisho imindeni edla imbuya ngothi?
Ungena shiqe!
Ulethe usizi phezu kolunye
Awumnqobi Kholona Vayilasi ngoba nawe uzokufa

Isizwe sonke sethukile
Sisaba wena kufa kwezwe
Sisaba nokuya ezitolo sisaba wena
Thina sisonke eMzansi sizoyilwa lempi
Angeke sihlulwe into engakhulumi
Baphi o-Ebola no Swine Flu?
Awuke uzame ke Kholona Vayilasi
Siyohlagana esikhaleni kwaNtombela
Uzoyikhotha imbenge yomile
Uzosithola kahle singama Africa!