Udume kakhulu wadlula izulu
Udume kakhulu njengesinkwa
Phela uwundabuzekwayo uwusaziwayo nabangangazi bayakwazi
Uyisinkwa sempilo uyisinkwa
Ekuseni uyisinkwa
Ebusuku uyisinkwa
Uyisinkwa semihlangemihla
Uyisinkwa sami uyisinkwa sabo uyisinkwa sethu
Umona uwuqeda njenge sqeda uyisqeda esikhulu ngokuqeda
Umona nomonase ngisendleleni yayo impumelelo ngibone indlela
Avele angise, ngeyise, ngeyise ngeke ungiyekise ngingakweyisi ngiyisiwe kuye angizisanga
Ngokusangana ngingagananga kodwa ngiyisiwe ngiyiswe kwangqondo enkulu
Inkulu ngokuba iyasiphakela isinkwa seminhla ngemihla
Ayikho into yamahhala ngaphandle kwemangamanga bhizinisi