Impilo ayihambi ngendlela
Wena othi izohamba ngayo
Ungakhula nomdeni onayo
Yonke into kodwa ekugcineni
Bazokshiya usale wedwa

Ungazami ukuphila izimpilo zabanye abantu
Ngoba awazi ukuthi
Njengoba uzifisa izimpilo zabanye
Zinezinkinga ongeke wakwazi ukuzimela
Nezinkinga ongafisi nokuzazi

Abaningi bazitshelile ukuthi
Ayisekho into abayiphilelayo
Awuthi ngikutshele mina ukuthi
Yibamabe ngezandla zombili impilo yakho ngoba
Uma kwenzeka iphunyuka kunzima
Ukuyicosha ibuyele isimweni ekade ikusona
Kulabo abasayazi intokomalo yokuphila ezandleni zikaMama
Ngithi yijabulele leyontokomalo yalezo zandla