Wayemuhle ngokwesikhumba kodwa
Inhliziyo yakhe kwakuyisihogo uqobo lwaso
Wangenzela izithembiso eziningi ezihamba nezinengiso
Ngakuthemba Nomathemba likuphi iqiniso
Ngenhliziyo ngakuthanda ngomoya ngakulangazelela
Wangigqema yona engeqiwa ntwala.

Luyini uthando bakwethu?
Wangithatha wangibeka emathafeni ngalo uthando lwakho lokuzenzisa
Kudela owaziyo ngangidakwe ibuphi utshwala ngithanda
Lentokazi eyawuphula…
Umoya wami yawuphula kwangathi iwubambe ngezandla
Awusukume ushaye izandla If You Still Believe in Love
Akusho mina kusho uNaima Kay
Lwashonaphi uthando bantu bakithi ludliwe ubani
Lungekudla lomgulukudu ogulukude
Okwegundane eguduluza uthando lombuso
Enhlizweni yami uyisela wena thando
Ngokuntshontsha imizwa nemicabango yami