Ngakuthanda ngiqala ukukubona
Ngathola imfudumalo yakwethu engangiyiqabuka
Ukuhlangana nawe kwangivula amehlo
Kwambula lonke ulwembu obelugcwele emehlweni ami
Ngenkathi ungimisa ucela usizo
Wagadla kwephukela enhliziyweni yami
Kwabuya ubuntu ebengingazi ukuthi nginabo
Ungisizile ngazibona ukuthi sengishintshile
Siqinisile isizulu uma sithi izandla ziyagezana
Ngakusiza ngingakwazi
Ngangikufunga kuhle kuka Mkabayi
Kodwa kwakungathi ngikhuluma nomafungwase wakwethu
Isizotha sakho siyamangalisa
Mhla ungidinga dadewethu ubongibhalela incwadi
Singangazwana ndawonye kodwa sonke singandawonye
Ukhumbule ukuthi unyawo alunampumulo
Dadewethu oyisihambi mhlawumbe ngiyaqala ngiyagcina ukukwazi
Kodwa ngithi kuwe phambili ngembokodo
Nawe ubodlulisela phambili usize nabanye