Sikhathele nguwe Corona
Sikhathele imigiligwane yakho Corona
Ezindabeni nguwe Corona
Suka ebantwini Corona
Phindela emuva lapho uvela khona Corona
Sikhathele we Corona
Kade sasihlushwa uCholera
Manje sekunguwe Corona
Izolo kade sisabiswa u-Ebola
Emuva kwakhe u-HIV & AIDS osecishe wasiqeda
U-Listeriosis naye wacishe wasiqeda sesisaba nopholoni
Manje sekunguwe kanti senzeni?
Sidle ukudla kwabani?
Sihlala emhlabeni kabani kani?
Sikweleta bani?
Silwa nobani?
Kungabe ikhohlisana ihlomile?
Phela washo wathi ngeke silibuse
Nkosi nguwe ithemba lethu
Akukho okufihliwe okungevele
Siza kuwe nakulesikhathi sikhala kuwe
Nakhu sizophela silwa impi esingayazi
Sikhala kuwe
Wathi mabaye kofunda izibhamu induku yamagwala Simakade
Izimpi esizilwayo sekungezezifo akusazona ezezibhamu
Siza kuwe ushilo ukuthi lempi akusiyo eyethu ngeyakho Simakade
Impi engajwayelekile
Kubi siyabhubha nalu ubhubhane
Nguwe isibani sethu sivikelekile ngawe
Inkululeko sayilwela sayikhokhela ngegazi eliningi
Miningi impefumulo eyahamba