Bayadela laba abazalwa bembethe
Kuyacaca mina angizange ngibe nayo leyonhlanhla
Indlala nosizi sekwaba ngamahlala yenza lapha kimi
Izinyembezi zihlezi zehla ziqhilika ubusuku nemini
Kuvele kuthi angihayize uma ngibona abantwana bami
Bebhuqwabhuqwa indlala phambi kwami
Ngingenawo amandla okubasiza
Awu kodwa okwakamhlaba kuyahlaba!

Ukuthula nokuphumula angikwazi
Ngihlale ngehla ngenyuka
Ngifuna umsebenzi kodwa lutho
Lutho nje ngisho lo wokushanela umgwaqo
Noma ke lo wokuhlanza emakhishini
Mdali ngihawukele kanti mina ngangenzeni
Kuthiwa emhlabeni ufika efumbethe
Ngifisa ukwazi mina ngangiphetheni
Kuyacaca mina ngafika ezami izandla zilambatha
Ingakho amabhadi nenhlupheko sekwakha inxiwa lapha kimi
Bayadela laba abazalwa bembethe
Kuyacaca mina angizange ngibe nayo leyonhlanhla

Ekababa wezingane angisafuni nokuyikhuluma
Angithi wagcwala amathafa
Lo omncane engakaliboni ngisho ilanga
Inhliziyo igwaza ngamandla Vukani
Uma ngikhumbula lezonsuku sisathandana
Ungithembisa izulu nomhlaba
Ngikukholwe nami kodwa ngazi kahle ukuthi akusilo elakho
Buka namuhla sewabaleka wagcwala amathafa
Kuhle kwenja ibaleka neqatha
Wahamba baba wabantwana bami wangabheka emuva
Kuyacaca nje ibhadi into engazalwa nayo
Bayadela bazalwa bembethe
Kuyacaca mina angizange ngibe nayo leyonhlanhla

Ngisho ngithi ngiqala ibhizinisi
Akufiki ngisho ingane izothenga uswidi kasheleni
Noma ngifaka ama CV lutho ukubizwa
Usizi nenhlupheko kulokhu kungilandela
Umhlaba uhlaba ngempela
Bayadela abazalwa bembethe
Kuyacaca mina angizange ngibe nayo leyonhlanhla