“Kodwa yini Nomusa! Wafika ekuseni kangaka, ekubeni wazi kahle ukuthi umama walapha ekhaya ukhona! Umazi kahle nje ukuthi unolaka kanjani! Yini kodwa!”

“Manje mina ngenzenjani uma kukhona udaba engifuna ukulixoxa
nawe? Angithi wangishela wazi ukuthi ushadile? Pho manje wa…”

“Shhh. Khulumela phansi wena! Uzokuzwa uMaZondi mani! Uma
ubunodaba ofuna ukulisho, ubungaqali ngani ngokungifonela?”

“Ay bo, wudaba olunzima kabi lolu. Beng’ngeke ng’kwazi ukul’xoxa ocingweni.”

“Aw wangithusa ke manje. Yini, kwenzenjani?”

“Ngicela singene endlini Mfundisi. Ngeke ng’kwazi ukulisho loludaba sila ngaphandle.”

“Aw Nomusa ingani uyazi nje ukuthi kukhona uMaZo…”

“Ay ay ay! Ang’nandaba naMaZondi mina! NGITHE asingene endlini! Usho futhi uma ungafuni!”

“Ey…Kulungile ke. As’ngene.”

Sasisimbi isimo ngalolusuku, izinto zazimi lubhojozi zimapeketwana. Phela uNomusa ubhoka nje, ucikeke ufile yilelikhehla lomfundisi athandana nalo. Lihlale libika amanangananga njalo nje.

Ikhehla ndini leli liwuMfundisi webandla lamaWeseli, eGatsheni laseMpumalanga, eHammarsdale. Lineminyaka cishe engu 57, liganiwe kanti futhi selilidala impela kulendima yokufaza izwi leNkosi.

UNomusa yena uneminyaka engu 18 kanti usafunda futhi. Ukuthandana kwabo noMfundisi uNdlovu kuqale esikhathini esingangeminyaka emibili edlule.

Cha bandla, bona bayazama ukulifihla loluthando lwabo emehlweni ebandla nawomphakathi. Ngoba ababaningi abantu abaziyo ngothando lwabo.

UNomusa waliqoma sakudlala nje lelikhehla ethi ulithandela ukuthi liwu ‘daddy o-providayo’. Babethi uma bembuza ukuthi ujola kanjani noMfundisi oganiwe, omdala, owuMfundisi nokweza; isimze itshikizise isinqa sayo intombi kaZulu ithi, “uyena owang’sukela dade. Ngangingeke ke ngingamqomi umuntu engishela.”

Awu madoda!

Pho yayiyinhle yini intombi kaZulu! Ha, yayikubheka kubande kwamancane iNkosi impela. Ishaya ngesinqa sayo esasisihle esiketini nasebhlukweni. We mame, isho ngezindebe zayo ezazithi uma sezimamatheka uzwe kuthi swe uvalo es’fubeni.

Nxay’ suka mani, awaz’ lutho wena!

Ay ke bahambe ke noMfundisi beqonde endlini, eholwa yilo ikhehla leli eselivele laphenduka isiyoyoyo nje esixegelwa amadolo.

“Nomusa, ngizocela sikhulumele phansi ze uMaZondi angasizwa. Uyezwa sisi?” kuncenga uMfundisi bandla.

Anyiphe uNomusa, “Mh, hho,” esho ngokunganami. Bahlale kusofa, eceleni komunye nomunye.

“Ya ke sisi. Daba luni lolu obufisa ukung’tshela lona?”

“Ng’khulelwe!” kusho uNomusa ememeza.

“Shhh demed! Awuzwa yini ‘mangithi khulumela phansi? Hawu, yini ngawe wena!” kuthetha uMfundisi, sekuthi akamsakaze
ngempama lo Nomusa ozomqhatha noMaZondi. “Usunes’khathi esingakanani ukhulelwe? ”

“Two months Mfundisi,” ezinikina uNomusa, ubona nje ukuthi iyamdina lendaba yokukhulelwa kwakhe. Abheke phezulu uMfundisi kungathi uyacabanga.

“Ubusubatshelile ekhaya?”

“Cha’na, bengingabatshela kanjani ngingakwazisile wena!” kusho uNomusa kungathi uthi ‘wangibuza umbuzo owubulima nje wena!’

“Mh, kwanzima ke. Manje ubucabanga ukuthi senzenjani?” kubuza uMfundisi ngomoya ophansi nokhathazekile.

“Angazi nami. Njengoba ngilana nje ngizobuza lokho. Kodwa Mfundisi ngangishilo ngathi asisebenzise i-condom wena wenza okwakho. Aw’bheke nje, ngizophazamiseka es’koleni ngenxa yalengane. Ey yaz nje!” ezinikina.

“Nomusa, akusesona is’khathi sokusolana lesi. Kumele sithole
isixazululo salenkinga,” kusho uMfundisi esula umjuluko ebusweni ngeduku. “Ey, kunzima,” eqhubeka.

“Nomusa, yaz angazi noma uzos’thanda yini isixazululo engisicabangayo salenkinga. Wukuthi nje, ngibona ngoba nginguMfundisi, ngimdala, ngiganiwe kanti futhi wena umncane; isithunzi sami singakhinyabezeka kakhulu uma lendaba ingavela emphakathini. Angithi uyabona?” avume ngekhanda uNomusa.

Abheke phezulu uMfundisi, aphefumulele phezulu.

“Manje bengibona kungayisixazululo esingcono ukuthi e…e…usikhiphe lesisu ngoba…”

Agxume uhhafu uNomusa. “Habe uyahlanya! Uyasangana! Ucaba…”

“Shhh. Ngithe khulumela phansi wena mani! Kanti uzwa kanjani!” kuthetha uMfundisi esehlahle namehlo.

“Habe uthi ang’thini mina uma ukhuluma into engenangqondo. Ngikhiphe isisu? Habe ungazodlala la wena! Kanti wena wuMfundisi onjani nje?” kuthetha uNomusa esehlise nezwi.

“Ingani ngiyazibeka nje isizathu. Uma nje lendaba ingavela ngingalahlekelwa yikho konke. Ng’yacela bandla Nomusa ukuthi ungicabangele, please.” athi ukuthula uNomusa. Ubona nje ukuthi kuthi akasakaze umuntu ngehlanyisayo impama!

“Wena Mfundisi uyisilima. Uma kungenjalo, ucabanga ukuthi yimina isilima; kuphakathi kwalokho nje.”

“Awu yehheni bantu ngiyisilima ngani-ke manj…” kuqhamuke uMaZondi eswenke econsa.

“Ngisahamba baba, nebhasi isingaze ingishiye,” aswele ukundiza uMfundisi, avume eshesha. Aphume ke uMaZondi.

“Wena Mfundisi ufuna ngikhiphe isisu, yikhona kuzokwaneliseka izifiso zakho, mina ngisale nonembeza onecala! Ha, ingani walala nami wazi kahle ukuthi kungase kwenzeke into efana nalena? Ngeke nje ng’yenze leyonto mina.” kuthi ukuthula endlini.

Aphefumulele phezulu uMfundisi ebheke phezulu.

“Manje uzokwenzenjani-ke pho?” kubuza uMfundisi ngokunengwa.

“Habe ngizoyibeletha mina lengane ngisho futhi ukuthi eyakho. Ngeke mina ngisikhiphe nje isi…”

Kungene uMaMkhize owumkhokheli webandla besaxoxa. Bahlahle amehlo bobabili uNomusa noMfundisi. Into ebathusayo wukuthi
abazi ukuthi uMaMkhize ubebalalele yini ngesikhathi bekhuluma. Ey, kuthi akazisakaze uMfundisi lokhu, phela uyamazi ukuthi ukuthanda kanjani ukukhuluma uMkhokheli wakhe.

Uma nje kukhona akuzwile, uzotshela wonke umuntu lo.

“Awu ngiyaxolisa bandla ukuniphazamisa nisakhuluma izindaba ezijule kangaka. Bengi…”

“Izindaba ezijule makwenzenjani? Khona uma sikhuluma lezondaba uhlanganaphi wena, nx!” kubhoka uNomusa esemi ngezinyawo.

“Awu mtanami,” kukhophoza lokhu okuwuMaMkhize.

“Ang’yena umtanakho mina. Nx, abantabakho banje?” ezikhomba uNomusa. UMfundisi usethuli ngathi akekho.

“Awu bengithi…” agxume ahlale uNomusa, efuna ukuqeda ngoMaMkhize. Angenelele uMfundisi!

“Kahle Nomusa! Kahle bo!”

“Woza la wena salukazi esithanda izindaba zabantu!” ezama
ukunontela uNomusa.

“Yehheni webantu!” kumemeza uMaMkhize ebaleka eyophuma ngomnyango!

“Nx! Singadlala izalukazi!” kusho uNomusa eyophuma ngomnyango.

“Usuyaphi ke futhi manje Nomusa?” kubuza uMfundisi.

“Ng’sahamba! Ngzobuye ngikubone,” esho umtakaZulu eyophuma ngomnyango.

Hhayi ke lapho uMfundisi kwase kuthi akafe fi. Wazi kahle phela ukuthi uma lokhu okunguMaMkhize kuyizwile lendaba, kuzoyisabalalisa lonke izwe. Ukhumbula kahle phela mhla uMaMkhize efaza indaba yakhe yokugembula ebe ewuMfundisi.

Manje uyazi ukuthi ngeke nakancane nje ingasabalali lendaba uma kuwukuthi uMkhokheli uyizwile. Wayenxapha yedwa uMfundisi ngalezonsuku. Wazaca ngeskhathi. Woma, wena owabona isihlahla esishaywe wumbani.

Kwathi nya nya, yaqala indaba ukwaziwa manje. Yangena ingenile kumalunga ebandla. Yangena ingenile emphakathini. Yangena ingenile kubaphathi bebandla. Yangena nasezindlebeni zikaMaZondi.

Konke kwashabalala emehlweni kaMfundisi, wazibona engasento yalutho emphakathini nasemehlweni kaNkulunkulu. Kwathi nya! Wabizwa abaphathi bebandla bezomtshela ukuthi sebebongile wuyena. Sebekhathele imisebenzi yakhe yokungcola ethunaza isithunzi sobufundisi.

Axega amadolo kaMfundisi, wabuzwa ubumnyama bucindezela konke ukukhanya. Kusenjalo, noMaZondi wakhala ngokuthi useyabonga naye. Usekhathele wuye, usemsuthi.

Wamlaxaza! Indlu yesonto waphucwa, imoto yathathwa. Kwathathwa konke okwebandla. UMfundisi wasalaze. Wazibona engelutho. Wabona isono ayesenzile kunzima ukuthi uNkulunkulu asithethelele. Wayibona ingekho enye into eyayingamlamulela ngaphandle kokufa.

Nebala wanquma ukuqeda ngempilo yakhe. Zacisha kancane kancane izibani zempilo yakhe, zaze zathi lwaphe, kwaphela ngaye.

Iyishumi nanye iminyaka yenzeka lento.

UNomusa akamfuni nalapho ehambe khona uMaMkhize osezace ungafunga ukuthi wuthi lomkhonto. Kusobala ukuthi unembeza awummisile neze kahle. Uhlala umkhumbuza ukuthi ungumbulali.

Uhlale umhlebela njalo ukuthi kunomuntu ongekho emhlabeni ngenxa yakhe.

Ey’ madoda!

***

Sitshele ukuthi ucabangani: Ungenze njani uma ugashelwa ngumuntu oshadile?