Uthando luyingqikithi yempilo. Ngaphandle kothando impilo ayikho. Asikwazi ukuphila uma lungekho uthando kuthina ngaphakathi ezinhliziyweni zethu.
Kufanele noma kunzima kunjani emhlabeni sizame ukuphilisana ngothando ngoba uma singakhetha ukuphila ngenzondo impilo ingaba nzima ngoba singahlala sibulalana. Empeleni uma uyibukisisa ngokujula lendaba kuyacaca ukuthi salethwa emhlabeni, saphiwa impilo, ukuze sithandane. Masithandaneni ngokuthi sihloniphane. Akufanele sivalelane amathuba empumelelo uma evela. Asisisphile ngokweqiniso isisho esithi umuntu ungumuntu ngabantu ngoba umuntu angeke akwazi ukuphumelela ngaphandle komunye umuntu.

Wonke umuntu uyamdinga umuntu onozwelo eduzane naye. Umuntu okuthi uma ufika kuyena ukhala uhluphekile akuzwele futhi akusize uma enawo amandla okukusiza enkingeni onayo. Kodwa abantu abanjalo angeke babe khona uma nawe ungayena umuntu okwazi ukusiza abanye abantu. Impilo iyimpilo, mina nawe siyaphila – lokho kusho ukuthi siyadingana ukuze siphilisane. Asizelanga la emhlabeni ukuthi sisimame ngabanye abantu kuphele kanjalo, noma kube ibona labo bantu abasimama ngathi kuphele kanjalo. Kodwa silapha emhlabeni ngoba kufanele sisizane ukuze siqinisekise ukuthi sonke siyakwazi ukuthi sizimele empilweni.

Kuyimpilo ukuthi umuntu azimele futhi kuyimpilo nokuthi kungabi nabantu abahlukumezekayo ngenxa yakho. Kuyinto enhle ukuthi izingane zakho uma zikubuka ungumzali wazo zifunde izifundo ezinhle zempilo kuwena. Kuyinto enhle ukuthi abantu ophila nabo bakubone uyisibonelo esihle kubona. Ngawe nje uwedwa, uyisibonelo esihle, umhlaba wonke ungalunga. Umhlaba wonke ungagcwala uthando oluhamba nenjabulo engapheli. Kodwa lokhu kungenzeka kuphela uma uzophila impilo yakho ngothando olungenakho ukubandlulula.

Kufanele ubonakale ukhombisa uthando kubo bonke abantu abasondelene nawe. Ngikusho lokhu ngoba impumelelo yempilo yakho ilele ekutheni ube ngumuntu olungile. Ukuba ngumuntu olungile akuchazi ukuthi uvumele abantu abangalungile badlale ngawe. Yebo ngithi kufanele ulunge, kodwa lunga ngokuhlakanipha. Ungakuvumeli ukulunga kwakho ukuthi kugcine kukuhlukumeza futhi kukufakela ingcindezi. Kuvumele ukulunga kwakho ukuthi kukuhlakaniphise ukuze kukuphilise. Zama ukuba ngumuntu othembekile empilweni yakho nasezimpilweni zabantu ophilisana nabo. Zama ngawo wonke amandla onawo ukungabi umuntu ogxeka izimpilo zabantu ngoba wena ubona ukuthi bona abaphili njengawe.

***