Yebo kuhle ukuba nomngani, umuntu ongaxoxa naye izinto ezinhle naye akujabulele aphinde akududuze ngezikhathi ezimbi akunike nethemba lokuthi izinto zizasanga ncono.

Umngani umuntu okwazi ukuxoxa naye lonke usizi lwakho kungaba Zemfundo, ezasekhaya,ezobudlelwano noma ngabe eziphathele nanoma yini .Njengomngani yena kumele akuseke akunike ithemba aphinde akugqugquzele ukuthi ungaba nasiphi isisombululo sokuphuma kulolutaku obhekene nalo .Umngani uma ekuhleba uma enabanye abangani ;akhulume ngawe kabi kwabanye ;akuqhathe nabantu kungaba abasemndenini noma abomphakathi noma angene phakathi kwakho nothandiweyo wakho lowomngani kusamele umfakele izibuko akusiye neze umngani lowo inyoka ehamba phansi ! Umbize ngomngani umuntu ongatshengisi ukujabula uma uphumelela aze angakwazi nokuzenzisa umona uvele ubhalwe ebusweni shiya phansi lowomuntu akusiye umngani wakho .Umngani obona izinto zakho uma zihamba kahle angakuhalaseli mhlasiphe acele umuphe icebo lokuthi yena engenza kanjani naye ukuze aphumelele avele akumonazele umuntu ubone ukuthi usefisa konke lokhu onakho kungaba ngakuye akusiye umngani loyo. Umngani ohlezi encintisana nawe noma ehlezi ezibeka yena phambili engafuni ukugqamisa ukuphumelela kwakho afunee kuhlezi kuwuye wuye cha bo! Ngiyala akusiye umngani lowo .

Uma ubona sengathi uhlezi ubhekana naleyo nkinga yokuba nabangani abahlezi bekumonazela noma betshengisa ukungajabuleli impumelelo yakho hlunga amazambane abolile ungasabi ,ungaba umnganakho uziphilele nje impilo yakho wedwa ngaphandle kwabangani .Ungakhohlwa ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili uma unezinkinga ungaxoxa nomthembileyo omdala wasekhaya noma wasemphakathini ungafeli ngaphakathi ngoba lokho kungaze kukudalele izifo zomqondo.

Sengiphetha nje ;umngani kumele kube umuntu enifisa izinto ezifanayo naye nizame nibambisane ukuze nifike esicongweni sempumelelo .Nawe ungaba umngani wakho !