Ngangikuthanda
Ngangikuthembile
Ngangikweseka kodwa
Konke lokhu wakushaya indiva
Ngakupha uthando
Ngakupha ubungani
Ngakupha inhliziyo yami
Ngakupha konke owawukudinga
Kodwa wena awuzange ubenandaba
Ngakubonisa uthando
Ngakubonisa inhlonipho
Ngakubonisa konke
Kodwa masengithi ngikubonisa
Indlela usungiphuza inyongo
Uthando lwami olungaka
Inhlonipho yami engaka
Ukuzinikezela kwami okungaka
Wakuthatha wakuphonsela ebusweni bami
Ngizamile ukukuguqula
Ngizamile ukukwenza umuntu ongcono
Ngizamile ukukubonisa indlela kodwa
Iwe ngophondo
Akusenani kodwa ke ngoba
Ababuyisi baphambili njalo uyazi
Ukuthi akubuyelwa muva kungemgqigqo
Akusenani
Sengiyolala ngenxeba