Nobuhle wami uyisbusiso ngane
Yabantu uthando lwakho lanele kimi
Ngakuthanda eningini labantu

Mangibona akukhulumeki ungisonta ulimi
Inhliziyo ishaye mawala kube ngathi isigubhu
Isiyoni amadolo axege ingqondo ibe kwela nyoni
Ngithuke ngihleka ngedwa sesula nomlomo
Ube ngowami kungasa ngithumele inkomo

Amehlo akho ngathi inkayenzi ebusuku
Kungena mafu wena unalo buhle obungaciki
Ofakazi abafethu ngiqoma ntokazi uyikhulule
Lenhliziyo ngikunikeze lolu thando lwami oluvuthayo

Manginawe konke kuphelele umhlaba uhambe
Kancane engathi ifilimu wena uyilentombi
Yokubikwa emsamu awu! Kodwa Nobuhle wami