Mntanam’ukwenzile
Uthando lwami, waludicilela
phansi kuhle kwamafinyila.
Iziyalo zami, wazinyathela
kuhle kwamata.

Okomhlaba wakuphathisa okwegolide.
Okomhlaba wakuphathisa okwezikhali zamantungwa.
Izifiso zami ngawe, zanyamalala.
Ngakuvula amehlo maqede wahlakanipha.

Ungiphendukele eaiswini njengotshwala.
Ukwenza kwakho, kuphenduke izinyembezi.
Ibele lami walizwa libaba, walishiya.

Elomhlaba walizwa linambitheka.
Kanti likuyisa kwalasha. Engani
Uyazonda ukuqondiswa.
Mntanami ukwenzile.