Athule uNobuhle ecabanga indlela yokuphendula engeke imcasule uSqiniseko. “Phela, sthandwa sami, akukho uku-…”

USqiniseko udabule uNobuhle ngembibizane esakhuluma.

“Uyangishaya, Sqiniseko? Ungishayelani?” kubuza uNobuhle emangele.

Alandelise ngesibhakela uSqiniseko, athi gilikidi phansi uNobuhle. Akhihle esikaNandi uNobuhle. USqiniseko ugane unwabu, akanandaba nokubihlika kwakhe.

“Kanti yini le engaka engakwenza yona, Sqiniseko? Cala lini elingaka leli elingaxoleleki?” uNobuhle ukhala elele phansi.

Acasuke kakhulu kunakuqala uSqiniseko. “Uyabuza? Uyabuza, Nobuhle? Awuziboni ukuthi uyisiphukuphuku kangakanani? Ekabani le ngane oyidlisa le nto?”

“Bekumele ngenze njani, Sqiniseko? Angithi njalo uma uholile awubuyi? Uma ngikutshela ngezidingo zalapha endlini uyangishaya! Ngikhathele nguwe mina, Sqiniseko. Hhayi suka! Sengibekezele kwanele!”

“Oho, udlisa ingane yami le nto ngoba uzama ukuyibulala? Ubani osekukhohlisile Nobuhle? Indlela obonga ngayo le? Ngakutakula kini bekuxoshile. Ngakondla. Uma sewusuthi ubonga kanje? Awushayiwe wena. Ngizokukhombisa namhlanje!” Usho emgibela ngesibhakela, alandelise nangonyawo.

Umshaya kugcine kukhathele yena uSqiniseko, kwazise udakiwe. UNobuhle ulokhu evikile. Uzwa sezingangeni izibhakela, asuse izandla, ambone esezumekile kusofa uSqiniseko. UNobuhle usukuma aqhubeke nokufunza ingane. Uzithoba izibazi, alale.

Ekuseni ngakusasa uNobuhle wesaba ngisho nokulunguza emnyango. Amehlo avalekile, ubuso budumbe sengathi utinyelwe izinyosi. USthembiso ulele, akazi nakwazi ukuthi unina uhlukunyezwa nguyise. Uvuka aye esibukweni, azibuke.

“Ngiyazisola manje. Ubaba wayengenzela yonke into, ngingasweli lutho. Ngangiyintombazanyana yakhe enhle ayithandayo. Mina ngazibona sengiyintombi, ngaqomana noSqiniseko. Kungisize ngani konke lokho? Iyona imivuzo yokungalaleli lena. Isifiso sikababa kwakuwukuba ngifunde ngigogode. Wadayisa izinkomo zakhe ukuze mina ngifunde. Ngamphoxa nakumalunga ebandla.” UNobuhle ubuka phezulu, avale amehlo. “Kodwa Nkosi yami awusangizweli ngani? Ngiyazivuma zonke izono zami!” Ziphophoze izinyembezi. Uzithola esekhala kakhulu kanti ubecabanga.

“Nx! Nonsense wena!” kumemeza uSqiniseko. “Awuboni ukuthi uzovusa ingane? Kanti uvuka ngomnyama nje khona uzosicefezela ngomsindo? Awupheki, awu-clean-i. Empeleni yini ongisiza ngayo empilweni, Nobubi?”

Amehlo kaSqiniseko esebomvu ngenkani, kwazise phela vele ulale ezidlele amambawu.

***

Sitshele: Kumele enze njani uNobuhle?