“Kwaze kwabuhlungu ukuthanda umuntu. Yimina lona osewaba njena?” UNobuhle uzithinta izibazi ezigcwele ebusweni.

Ukhuluma yedwa ezibuka esibukweni.“Ngabe iyona indlela angibonisa ngayo uthando le uSqiniseko? Khona sekuthiwa ngibuyela ekhaya, bazothini uma ngiqhamuka ngimabokoboko kanje? Bazothi ngabalekela isikole ngajaha ukuzala. Sengibuya sengiyilo mhlola asengenze wona uSqiniseko? Uma ngingazami imizamo yokumbalekela uSqiniseko, uzogcina engibulele.”

Wesula izinyembezi, agqokise ingane yakhe noSqiniseko, uSthembiso. Uhlala esihlalweni agone uSthembiso, athule aqhathe usizi.

Impela kunzima ukuthanda umuntu engasakuthandi. Njengamanje impilo kaNobuhle isengcupheni kodwa akanazo izitha, futhi akananxa namuntu. Udlala isoka lakhe, uSqiniseko, ngoba limbona ukuthi akasenalo imuva nephambili.

“Nokudla kwengane kuphelile,” uNobuhle ubuka uSthembiso oseqala ukozela, “Kodwa manje ngendlela asevele waphenduka isilwane ngakhona uSqiniseko, kunzima ukuthi ngimbikele. Hhayi, kulungile, ngizomxovela wona amazambane ne-rice adle alale umntanami. IsiZulu sithi emathumbu amnyama kayifi.” Ukhuluma yedwa njengohlanya. Empeleni ubegcine ecabanga.

Awaphake ngempela amazambane uNobuhle. Bese efaka ingcosana ye-rice. Akubonde, akuhlanganise.

“Vuka udle mfana kamama!” kusho uNobuhle eqabula uSthembiso, “Kodwa le nsizwa enhle kanjena bakithi!”

Kuvele kujabule kufe okuyingane. Phela khona akwazi lutho, kubheke unina nje qha. Ayigone into yakhe uNobuhle, ayifunze. Kunzima nokho ngoba lo mntwana akakwazi ukudla okuqinile. Kodwa uyakuncenga kancane.

“Gqo gqo gqo!” kumemeza uSqiniseko emnyango. Ungafunga ukuthi kungqongqoza iphoyisa. UNobuhle usevele wafunda kwezakhe ukuthi uSqiniseko udakiwe.

“Vula wena Nobuhle!” kumemeza uSqiniseko. “Nx! Konje wawunguNobuhle? Abantu bavele baqambe nje amagama bengacabanganga. Usungasukela umxhiliba wesalukazi uwubize ngoNobuhle? Vula, Nobubi!” USqiniseko usefile insini njengoba edelela nje.

Amudle la magama uNobuhle. Namhlanje uSqiniseko usembiza kanje? Akadliwa nangunembeza wokuthi unjena nje ngenxa yakhe? Abeke ingane kusofa, avule isicabha.

“Wangibuka emehlweni? Uyangiqabuka yini?” kubhavumula uSqiniseko. “Noma wenyanyiswa ukuthi ngikubize ngoNobubi? Vele usunguNobubi, ngakuthola ungenjena mina. Ukube kuyabuyelwa emuva ngabe ngiqala phansi ngifune intombi enhle ezoba ngunina wabantabami. Hhayi wena!”

Akhale uSthembiso. Phela unina uselibele ukubukana noyise lo odelelayo, usekhohliwe ukuthi konje ubefunza ingane.

“Thula wena, mfana kababa! Habe! Kanti uyadla? Yini yona lena oyidlayo?” USqiniseko udiyazela asondele esitsheni sengane, abukisise. Uphendukela kuNobuhle, athi, “Nobuhle! Yini le edliwa ingane yami? Doti muni wona lona? Wena usengaka wake wayidla le nto? Ngiyabuza!”

***

Sitshele: Ungakwazi ukukhuluma into eyakhayo nomuntu odakiwe? Ukwenza kanjani lokhu?