UVusi noSakhile bayizihlobo ezihlala ngokuhlupheka nogogo wazo ozithanda kakhulu. Onina bashiya laba bafana besebancane kugogo, bona banyamalala. Nomndeni weziqumama walapha kwaNtuli awunandaba nabo. Sebekhulile manje, bafisa ukwazi obaba babo. UGogo usegula kakhulu manje, isimo sakhe sibucayi. Uma engashona ugogo – kunyamalale nempesheni abathengela ngayo ukudla – kuzokwenzekani? Kufika umalume uSonke, kugcine sekuvela izimfihlo zomndeni ezishaqisayo…
This story is available in English: Where Do I Belong?.