USonke ukhahlela isicabha sivuleke sindiza. Uselizwile iqiniso. “Vusi, Vusumuzi?” USonke umbiza sakuhleba.

UVusi ubuka uSonke, anikine ikhanda, asukume aphume egijima kuleli gumbi.

“Vusi!” kumemeza uSonke.

“Myeke uVusi,” unina kaVusi usho kuSonke.

“Cha, ngeke ngimyeke uVusi,” kusho uSonke emlandela. “UVusi udinga ukwazi ukuthi kukhona umuntu onendaba naye.”

USonke uthola uVusi esegumbini lakhe ephethe i-razor, eyisondeza esihlakaleni. USonke ugxumela ezandleni zikaVusi, iqhashe ihlale kude i-razor.

“Hlukana nami Baba uSonke,” kuhayiza uVusi. “Ngisazophilelani? Kwasekuqaleni ngangingafunwa muntu! Ngidedele ngife okungcono!”

“Cha, Vusi, ungacabangi kanjalo, ngiyakucela,” uSonke umbambe wamqinisa, ukhulumela phansi. “Inhliziyo yakho izwa ubuhlungu engingeke ngikwazi nokuqala ukubucabanga. Kodwa, nsizwa, okumele ukwazi ukuthi noma kungaba nzima kangakanani izinto ziyadlula lapha empilweni. Nalokhu kuzodlula.”

“Ungumuntu wokugcina ongangitshela lokho, Baba uSonke. Ubaba wakho wadlwengula umama wami,” uVusi uzama ukudlubulundela.

“Ngizwile nami, Vusi,” uSonke ambambe amqinise uVusi. Naye uSonke useyakhala manje, athi, “Ubaba wami unenhliziyo embi, ubolile. Kukhona izinto asihlukumeza ngazo sisakhula engingazifiseli ngisho isitha sami sokugcina. Izinto engihluleka ngisho ukukhuluma ngazo, Vusi. Ngesikhathi ngizwa kuthiwa usesibhedlela ngaya kombona. Ngamfica elele, engakwazi ngisho ukuphakamisa umunwe lo. Ngafisa ukumklinya, ngimbulale ngezandla zami,” uSonke amdedele uVusi, azibuke lezi zandla akhuluma ngazo.

“Awumbulalanga ngani kodwa Baba?” UVusi ubuka uSonke ngqo emehlweni, bakhihla isililo bobabili, “Ufanelwe ukufa umuntu onehliziyo embi kanje!”

“Kwathi lapho abahlengikazi bengitshela ukuthi uyahayiza ebusuku ekhala ngezilwane ezimjahayo, nabantu abamklinyayo, ngabona ukuthi ngizobe ngimenzela ufefe uma ngimbulala,” kusho uSonke.

UVusi akasazami ukudlubulundela, usula izinyembezi, athule abuke uSonke.

“Uyabona, Vusi, kulukhuni ukuxolela umuntu okuhlukumezile empilweni futhi akuyena wonke umuntu okwaziyo ukuxola. Kodwa uma singaxoli, siqhubeka nokuba nenzondo, sihluke ngani kubantu abahlukumezayo?”

Unqekuzisa ikhanda kancane uVusi.

“Ubaba kufanele ngabe kade ashona ngoba zonke izitho zakhe zangaphathi azisasebenzi, uphefumula ngemishini yasesibhedlela. Kodwa uMdali akamkhululi ngoba usamenza akhokhe ngokuhlukumeza akwenze lapha emhlabeni. Ubaba uhlukumeze inqwaba yabantu, Vusi. Ngifaka lo mqodo wokuxola kuwe, Vusi, ngoba angifuni uphile impilo yakho ngenzondo. Uyayibona le nto engizama ukuyisho kuwe?”

“Yebo, Baba,” kusho uVusi.

“Ngilinde ucingo oluvela ku-supervisor wami emsebenzini. Ngimcele ukuba akuzamele isikhala somsebenzi enkampanini engisebenza kuwo,” uSonke ukhipha iduku azisule izinyembezi nomjuluko. “Khona kuyethembisa ngoba asekhona ama-bursary anikwa izihlobo zabasebenzi. Ungafunda ube usebenza. Uma sesimngcwabile uGogo wena noSakhile nizohamba nami sihlale sonke eNelspruit. Kuzoba lula nokuthungatha umama kaSakhile ngoba eNelspruit kuseduze naseGoli. Ngizozama konke okusemandleni ukuze ngimthole naye. Kumele nisuke kule ndawo, kumele nithole ithuba lokuphumelela empilweni.”

UVusi uyazumeka emuva kokuzwa amaqiniso. USonke uhlala naye, amgade elele. Unina kaVusi ungena kuleli gumbi alale eceleni kwendodana yakhe embhedeni, amange okukuqala ngqa selokhu amzala umfana wakhe. Ubusuku bezinyembezi lobu emndenini wakwaNtuli.

Umngcwabo kaGogo unesizotha, muhle.

U-supervisor kaSonke ufona nezindaba ezimnandi, uVusi uwutholile umsebenzi kanye ne-bursary. Ngosuku olulandela umngcwabo uSonke ukhukhula noVusi benoSakhile beyoqala impilo entsha eNelspruit. Indlela yokulungisa umonakalo emiphefumulweni yabo bonke izoba nzima, futhi izoba yinde. Kodwa amagxathu okuqala sebewathathile, yilokho okubalulekile.

***

Sitshele umbono wakho: Uyithandile le ndaba? Likhona ithemba onalo ngo Vusi?

[strong]