Udiyazela ehleka yedwa uSomdali. Izandla usezibeke esifubeni zombili nalesi esinobhiya. Ungafunga ukuthi uphethe usana. Konje kungenzeka yini ukuthi uSomdali nguye ubaba wami? UVusi uzibuza eziphendula njengoba bengena emtholampilo nje. Pho ngabe ubethuleleni isikhathi esingaka? Cha, ngeke kwenzeke lokho. Ngeke uSomdali abe ngubaba wami.

Emtholampilo bathola ukuthi uGogo udluliselwe esibhedlela kwaHlabisa. Bajike bahambe. Ungafunga ukuthi uVusi noPatrick baxabene, bahamba beshesha, akekho okhulumisa omunye.

“Vusi, ngicela singene ekhaya sithole okokwesula umlomo,” kusho uPatrick befika esangweni lakubo.

“Patrick, usizi lwami ngolwami, ngicela ukhululeke ngale nkedama eyimina, mfowethu. UThixo uyakwazi yena akwenzayo,” kusho uVusi.

“Hawu, kanti sixabene yini, Vusi?” kubuza uPatrick ngokumangala.

“Cha, Patrick, ukuthi ngidinga ukuphumuza umqondo. Ngicabanga le nto kaSomdali. Ngempela ubeqonde ukuthini?”

“Khohlwa ukuhhema kwesidakwa, Vusi. Lo muntu selokhu ngazalwa angikaze ngimbone engadakiwe. Futhi uyeyisa enjalo nje. Asingene endlini sidle, mfowethu. Please yehlisa ulaka.”

“Njengoba ngishilo mfowethu, libala yimi, ngi-right. Uhambe kahle,” uVusi uthatha igxathu.

“Okungcono thatha nansi imali, Mavusana, uthenge okuncane. Noma ugibele ngayo uma uyobona uGogo esibhedlela.”

Ajike uVusi, ayithathe imali.

Izomsiza impela le mali. Kuzomele aye kunina kwaHlabisa. Indlela eqonde ekhaya idlula esitolo esinamafoni. Ufuna ukufonela unina, amazise ukuthi uGogo usesibhedlela ngakhona kwaHlabisa, nokuthi naye uVusi uyeza. Angene esitolo, afone. Lungene.

Hello, uMzimela lo okhulumayo. Ngingakusiza?” kuphendula uMzimela, umkhwenyana kanina kaVusi.

“Yebo, Baba, ukhuluma noVusi. Ngingamthola uMama?”

“Uzomenzani?”

“Kukhona engicela ukukuxoxa naye, Baba, ngiyacela.”

“Shiya umlayezo, akekho unyoko!”

UVusi uyamuzwa umama wakhe ebingelela umuntu thizeni.

“Hawu, Bab’ uMzimela, ngiyamuzwa nje ekhuluma lapho uMama! Ngiyacela bandla ukukhuluma naye, kubalulekile,” uVusi ukhuluma ngenhlonipho, uyancenga.

“Lolu cingo olwami, lukhokhelwa yimi. Uma ungafuni ukushiya umlayezo, bye.”

OK, Baba, bengicela umtshele ukuthi uGogo usesibhedlela lapho kwaHlabisa. Mina ngizogibela kusasa ngizonibona laph-…”

“Uzosibona kuphi khona? Ngeke ungene lapha kwami! Awaneliswa ile mali engikuthumelela yona nyanga zonke? Angithi ngikhuluma nje unyoko ugqigqa lapho ekulethele imali nyanga zonke? Ngikhathele ukondlana nezingane zamanye amadoda! Ngikhathele nokondla imizi emibili. Hamba uyovakashela oyihlo abanye.”

Amangale uVusi. Uma ekhumbula kahle, unina wamgcina esafunda ibanga lesibili. Kanti kunemali ondliwa ngayo engazi yena?

Umqondo ubuya seluthi ‘ti…ti…ti’ ucingo, kade eluvalile uMzimela. Alubeke ucingo uVusi, aphume esitolo. Ufika kukhala ibhungezi ekhaya. Ungena endlini alale zwi ubuthongo, kwazise vele akasabazi.

***

Sitshele umbono wakho: Uyakukholwa lokhu okushiwo uMzimela?