Akafani neze noLiwa. Ushayela i-Ford Cortina yakudala. Ingenza ngibe notwetwe, kodwa ngiyagibela, imoto yakhe ayikho ezingeni eliphezulu, kodwa ibukeka isesimweni esihle kunaye. “Ingabe lena imoto yomqoqi?” Ngiyabuza nginethemba.

Kukhona okubhugqayo ngokumomotheka kwake. Noma mhlawumbe indlela izindebe zakhe ezime ngayo? “Yebo kunjalo, kunzima ukuyithola,” ephendula.

Ngidonsa umoya ngenxa yokukhululeka. Unebhizinisi enhle yokuthi ahambe nge-Yaris kungcono. Ungumuntu oyinqaba, nje kuphela. Ngizama ukukhululeka ezitulweni ezibomvu. “Yinhle,” ngiyasho.

“Umuhle, mabhebeza.”

Ngiqinisa indawo yokubeka ingalo. “Babalwa,” ngimlungisa ngezwi eliqinile.

Ngiyamhlinela esibukweni sangemuva, ngiyacabanga: Ngicela ungadideki. Ngiyintombazane enesithunzi.’

“Babalwa,” uyamomotheka, ngendlela enenhlonipho manje.

Ngivuma ngekhanda esibukweni sangemuva. Kwangcono lokho.

UDavid uhamba ezitaladini ezingcolile. Udoti uyandiza emoyeni wasebusuku, uhlangana nokukhanya kwamalambu esitaladini. Sidlula amabhilidi angcolile, onodaka lokunameka osoludabukile. Kulena izingubo zokulala emafasiteleni esikhundleni samakhethenisi.

“Ikuphi la?” Ngiyabuza.

“Ungakhathazeki,” uyaphendula.

Usho ukuthini? Ukuthi siyadlula nje mhlawumbe? Ngibona uphawu oluthi ‘Brixton’ olumbozwe kancane nge-graffiti. Ngilinde uDavid ukuthi athathe umgwaqo ophumayo, ashayele ngasenyakatho lapho okunezindlu ezinkulu lapho amalambu akhon angaphandle esebenzisa khona ugesi okwedlula umkhukhu wethu ongemuva.

Kodwa ukhanyisa ugwayi, ungena endaweni lapho amadoda encike khona kothayela, edonsa ipayipi lengilasi. Kubonakala imizimba yabesifazane abagqoke izingubo zangaphansi ezidabukile njengoba beguqile futhi begxuma, becela abashayeli ngamehlo wabo ukuthi bamise izimoto zabo, babakhokhele ubulili.

Kukhona abathengisi bomzimba ngaphandle kwesolokishini. Ngathi onodoli emhubheni we-N3, amehlo wabo amnyama ngenxa yezimonyo. Balinda usuku lonke ngakumshayo wokubambelela, bahambe, bese begeza emfuleni. Bahlale njalo begqoke izingubo ezimnyama, njengami nje ngesiketi sikasisi wami namabhuthi amnyama – kodwa ngingumnakekeli wezingane wezinga eliphezulu, angiyena umthengisi womzimba. Ngihleli ngiqondise umhlane wami, ngiyakhwehlela ngenxa yentuthu, kodwa ngigcina ifasitela livalekile. Kushaya umoya obandayo. Ingabe kuvamile lokho kuleli dolobha?

Ngaphandle, iphepha elicwebezelayo lidabuka ebhokisini le-Kentucky, bese linamathela kuphawu lomgwaqo. Lithi, Isitaladi i-Joubert. UDavid uma ngaphandle kwebhilidi lezitina ezidilikile. Enye yamabhalikhoni ilenga sengathi kudlule inkanyamba yabe isiyiphula. Umnganga olengayo uyaphephuka futhi uyakleleza. Ungase uwele phezu kwengane elele ngenzansi kwayo. Ifunani lapha? Uphi umama wayo?

UDavid uvula umnyango wakhe. ‘Woza ngilandele.”

Kodwa ngihlala nginganyakazi ngemuva. “Ikuphi la?” Ngiyabuza futhi.

Ihhovisi lethu.” Uyaphuma, ulahlela phansi ugwayi wakhe. Uvula umnyango wami kodwa ngiyenqaba ukunyakaza.

Umzimba wami wonke uthi: Cha. Angiyi lapha.

UDavid ukhuluma sengathi udinekile. “Sakha ihhovisi e-Bryanston, elibiza kakhulu, ngakho-ke songa imali. Okwamanje nje, sigcina izindleko ziphansi …”

Ukhuluma njengosisi wami, ngiyawazi lawo magama.

UDavid uyamomotheka ngezindebe zakhe eziluhlaza okotshani ezitshekile. “Ngikutholele abakwa-Smiths e-Sandton. Izithandani ezinhle ngempela. Banezingane zamawele ezineminyaka emine,”

“Kungani ungangiyisi khona?”

“Balindile, esho, izwi lakhe ngathi linameva ngenxa yokuphela inhliziyo. “Ngifuna nje ukusayina isivikelo secala, ma kwenzeka uginqika ngemoto, noma enye yamahhashi wabo ikuwisa phansi.”

“Amahhashi wabo?” Ngidonsa umoya.

“Kwenzeka komunye wama-au pair wami.”

“Ngeke ngigibele amahhashi mina, ngiyakutshela wena.”

Ukwesaba amahhashi kungisukumisa esihlalweni. Ngiyasukuma, kodwa imilenze yami ithi hamba kuqala. Ngima esitaladini, ngibambe ngiqinise umnyango we-Cortina.

Uhlwitha umnyango eminweni yami, uyawugadlaza, bese eyawuvala. Ayikho enye indlela ngaphandle kokuthi ngimlandele ebhilidini.

Ephaseji ngibona izitezi ezinyamfuzelayo ezikhanyishwe ilambu lokukhanyisa eliphukile. Ukunuka komchamo ngathi buwela kithi kusuka ngenhla. “Kuyanyanyisa,” ngisholo phezulu.”

UDavid uyagigitheka, ulwebu emehlweni wakhe lubonakala lugcwele ekufipheleni kokukhanya. Ngiyamlandela kwilifthi engcolile. Kukhala umsindo wokushayeka futhi ilifthi isuka sengathi kukhona okungalungile. Kukhona ukudlidlizeka nokuphonseka nganhlanye. Isikhala esingizungezile siba ncane. Bengingazi ukuthi nginokwesaba bokuba sendaweni evalekile. Ngiyagwinya, ngigqolozela izicathulo zami. Ngisondela ngakuDavid, ngiyeka ijakhethi yakhe emahlakahlaka ithinte isihlakala sami, ngizama ukuthola ukududuzeka.

Musa ukuba isilima, ngiyazitshela. Awuyona ingane.

Ilifthi iyakliwula futhi iyadlidlizeka. Ngiyabonga Nkulunkulu, isivumela siphume.

Mina noDavid sigibela ezitezi zokuphuma uma kunomlilo. Ngiyajabula ukubona ukuthi lena ikhanyiswe ngokubonakalayo, ibonisa izinqamu zogwayi ezisabalele phansi. Ngiyazibala ukuze ngidambise ukwesaba okukliwula ekhanda lami. Ishumi nesikhombisa.

Sifika emnyango onezingidi ezintathu. UDavid uyashesha ungaphika ukuthi insizwa esindala. Uyabhonga njengoba evula ukhiye wokuqala. Umsindo ukhala kuleli phaseji elikhanayo, ushaya inhliziyo yami ngensimbi ebandayo.

Ngibukele amabhayisikobho amaningi athusayo kabo mngani wami uNomsa, ngizama ukuzitshela.

UDavid uyangigqolozela, ubona ukwesaba kwami. “Lapha sigcine izimpahla zasehhovisi zemali eshisiwe zase-Brynston. Endaweni entsha sizoba nokuvikeleka kwamahora amashumi amabili nane. Ngeke sibe khona isidingo salezi zingidi ezihluphayo!”

Noma kunjalo, ngifuna ukujika ngibalekele kwilifthi. Kodwa ukujika kokhiye ngamunye kuba sengathi kuyangikhubaza.

UDavid uvula umnyango osindayo. Kuphephuka umoya onenhlabathi, uphakamisa izinwele zami. UDavid udonsa isandla sami, ungifaka ngaphakathi. Ugadlaza umnyango. Kunye kubili kuthathu.

***

Sitshele: Manje uBabalwa useyasola, kodwa yimaphi amathuba akanawo kuze kube yilapho evalelwa?