Ngiyabuza, “Uthini, Ngiyahamba?”
ULiwa uvuma ngekhanda.
Ngiyagxuma. Ngifuna ukumanga, kodwa ngazibamba. “Ngiyabonga!” Angikwazi ukuzibamba ngendlela engijabule ngayo.
Usisi wami uyangena etete uThandi.
“Uthe kulungile!”
Ukukhathazeka kugcwala usisi wami njengengubo yokulala yakudala, empunga. Kodwa uyazibamba, umxhawula isandla njengomuntu ofundile. “Ngiyabonga”. Uqalaza etafuleni. “Ingabe ikhona inkontilakhi?”
“Cha ayikho,” kuphendula uLiwa.
Usisi wami uyahlina. “Indlela ende ukuya khona uma–”
“La bantu badla izambane likapondo futhi bakhokhela amantombazane ngokuqondile.”
“Kodwa–”
ULiwa uziba ‘ukodwa’ wakhe, egcwele ukufutheka emehlweni wakhe. “I-Au Pair Elite inedumela elihle kabi.” Ubheka ngakimi. “Into engiyidingayo kuphela nje Ipasi lakho”.
Usisi wami ungena phakathi kwethu. “Ikhophi?”
UThandi unqikela eceleni komqolo kaXola, ugqolozele le ndoda.
Uthi, “Ngidinga into yangempela. Uphawu lokwethembeka. Ngisho ukuthi, laba bantu bayakwethemba ngezingane zabo.”
Ngithinta isandla sikasisi wami, ngimtshela ngokuthulile ukuthi ehlise umoya. Kodwa njengoba ngiya ngemuva kwekhethenisi ngifuna ngaphansi kombhede wami, ngizwa into ebamba amaphaphu wami, yehlela esiswini sami sengathi ngidle ipapa elingavuthwanga. Ngale kwekhethenisi, uLiwa uthi, “Baphila njengezindlovukazi. Ukudla – Ngiyakutshela wena, kuhamba phambili. Amagumbi wona!” Ushaya ikhwele. “Asemgangathweni.”
Usisi wami uyagigitheka, injabulo yakhe iyalokozela. Uzobuya eseyicucucu.’
Ngibuyela kubo, ngiyahleka “Ngeke. Angisoze” Ngimunikeza Ipasi lami. Ngigaxa ingalo yami kwekasisi wami. ULiwa usibheke ngokwazisa. Ukwaziswa kobudoda, akukona nje okumayelana nebhizinisi.
“Udinga imali?” Kubuza uLiwa. Ukhipha iphepha lamakhulu amabili amarandi. Uyinikeza usisi wami: “Mtholele izingubo zangaphansi.”
‘Uthini?”
Uyaqhikiza, “Lokho okudingwa amantombazane uma ezothatha uhambo.”
Usisi wami uyamgqolozela, uyasola, kodwa uyayithatha imali. Uxega amadolo bese eyekela uThandi ashununuzele phansi.
ULiwa uyangibuza, “Awunayo inkinga nge-Greyhound? Uzohamba ngoLwesihlanu ozayo?”
Ngiyaxhileka. “Yebo.”
“Ngizokubhukhela. Bese ngikuthumela imininingwane.” Ufaka inombolo yomakhalekhukhwini yosisi wami ocingweni lakhe. ‘Ngizotshela uDavid wase-Au Pair Elite ukuthi akulindele.”
Amehlo wakhe abheka uThandi, ukhathazwa indlela esolisayo ambheke ngayo. Uyavalelisa ngokuphakamisa isandla kumntwana kodwa uThandi akafuni ngisho nokumomotheka nakancane.
“Ngiyabonga mantombazane.’
ULiwa uphuma endiza nge-Nike Airs yakhe sengathi unomoya wenhlanhla. Isibazi esincane, esidlavuzekile ekhanda lakhe singenza ngizizwe ngenye indlela, futhi ngingakhululeki sengathi ngiphathwa isisu. Kodwa asingivimbeli ukuthi ngimemeze ngenjabulo.
“Yeeeee!”
Sibambana izandla bese siyadansa senza isiyingi. UThandi uyasilingisa, elokhu etekezela kwisiyingi. Uwela phansi ngezinqa, wavula wonke amehlo emangele. Wasenza sahleka nakakhulu.
Usisi wami ubeka imali phansi embhedeni, ukhipha izingubo zakhe ezinhle, lezo ayezithengele isikole sakhe e-Tradewell ngenkathi esezoqeda khona. Ukhipha isiketi esimnyama eside esiqaqeka ukunyomfeka, sisengusilikha. Ihembe elinemidweshu, ezinekhala, zombala oluhlaza okotshani nomhlophe. Ukhipha amabhuthi wakhe amnyama, asesitayeleni.
“Mhlawumbe bazokushiya ezitolo. Bakutshele ukuthi uhambise izingane ziyothenga ezitolo. Ufuna ukuhambelana nabo, angithi Babalwa. Awufuni ukuzizwa sengathi uyahlupheka.”
Ngasho ngifaka ngokushesha amabhuthi. Kusele kancane angilingane. “Ngizofaka amasokisi amakhulu.”
Ngama ngesiketi sami sesikole namabhuthi amnyama.
ULiwa usemnyango, ugqolozele ebumnyameni. “Hewu. Uyakhanga.”
Kwasishiya simangele sobabili. Usisi wami wabheka le ndoda nami.
“Ngidinga isithombe,’ kusho uLiwa. “Uxolo, Ngikhohliwe, ngase ngajika.” Ukhipha umakhalekhukhwini wakhe wesimanje manje.
“Usifunelani?” Kubuza uXola.
“Ngisidingela isizinda-mininingwane senkampani. Ukuze sikutholele umphathi okufanele.” Ubhekisa isikrini ngakimi.
“Ima kancane.” Ngifuna ukugqoka isiketi esimnyama, ngifaneleke, kodwa uXola uyaqhela. Nginesikhathi sokwehlisa isiketi sami sesikole ngasokhalweni, ngisilinganise. Umakhalekhukhwini wakhe uyachofoza.
ULiwa uyamomotheka, izithembiso: “Ngizokutholela inani elingcono kakhulu.”
Kuyadida lokho, ngiyacabanga, indlela okuzwakala ngayo sengathi uyathenga… inyama.
Uhlohla umakhalekhukhwini wakhe ekhukhwini lebhulukwe lakhe eluhlaza okotshani, ajike abenyezele njengelanga eliphumayo.
* * * * *
Ngitshela usisi wami agcine amakhulu amabili amarandi, athenge inyama yangempela. Kodwa uthenga amakhekhe noshizi kohambo olude. Esitobhini samabhasi, unginikeza enye iphakheji. Phakathi kukhona umqwayiba nojusi wezithelo. Ngiyakwenqaba. “Hayi bo, phela mina ngizodla njengendlovukazi.’ Ukucindezela esifubeni sami.
“Size sibonane futhi. Ngiyakuthanda. Uqaphele.”
Kukhona okuthize emehlweni kasisi wami, ngiyakubona, okuthize akangafuni ukukusho ngenxa yokwesaba ukufaka amashwa kule nhlanhla yami.
Kodwa angifuni ukuqamba amanga. Angikaze ngijabule ngale ndlela kusukela kwashona umama wami. Kukhona isalukazi esidangele ngaphambi kwami ebhasini ye-Greyhound. Ngimxoxela ngogogo wami ophethwe isifo sokuqaqamba kwamalungu omzimba e-Eastern Cape. Ngimtshela indlela ngelinye ilanga omakhelwane abayomyisa ngayo kwindlwana yamasondo ye-Skype ukuze ukwazi ukubona umkhaya wakhe kwisikrini.
“Ungakhathazeki ngokuhamba, ngiyamtshela. Ngenxa yobuchwepheshe izizukulwane zakhe zizokwazi.”
Ugcwala izinyembezi emehlweni wakhe agugile. Uhleka isihe sami. “Yazi ntokazi, ungenza noma yini ngalolu kholo lwakho.” Unginikeza amagilebhusi amakhulu abomvu. Ngimupha i-Salticrax noshizi wami. Sobabili sibheke ukukhanya kwesiliva kwehlukanisa amafu e-Karoo. Sibheke ukukhanya kwelanga kubenyezela ehlathini lombala wekhakhi. Ngisho nesihlabathi imbala sibonakala sibenyezela ngokukhanya okuncane sengathi sigcwele amadayimane.
Ihora lesishiyagalolunye ebusuku ngenkathi i-Greyhound ifika eGoli. Othize uza kimi, ungincweba indololwane kuze kube sengathi kubuhlungu. “Babalwa?”
Ngiyajika.
Uzacile. Unesikhumba esibanikayo ekugcineni kwamehlo wakhe, bese kuba khona imigqa etshekile la okumhlophe khona. Ijakhethi yakhe ikhwalithi, kodwa ishwabene, ayihlalanga kahle. Unuka ugwayi. Ungibhekisisa kusuka phezulu ekhanda kuya kwisithende samabhuthi wami. Izindebe zakhe zinombala osaluhlaza okwesibhakabhaka. Kodwa manje ziyamomotheka.
“NginguDavid.”
***
Sitshele: Ingabe abantu abaqasha umuntu wokunakekela izingane kumele basebenzise Amapasi angempela ukwenza ukuhlolisisa kumuntu?