Ngiyamlandela ephasiji emnyama ethushula umoya ongena ezitinini ezingekho odongeni olukude. Sima kwenye yamagumbi amaningi amnyama. “Sifikile ke.” Umnyango unelinye inxeba eligqumuziwe, sengathi khona owawushaya ngengqindi.

UDavid uvula umnyango, bese eyawuvala ngemva kwethu. Amalambu edolobha akhanyisa ifasitela njengoba ewuvala, bese efaka isikhiye ebhulukweni lakhe eligxekayo. Ukhanyisa ilambu.

Igumbi linombhede wabantu ababili oneduvethi emhlophe engcolile. Kubonakala sengathi othize uyihudulele phansi endaweni engcolile, wayithintitha, wabe eseyindlala embhedeni. Noma uyiyeke ingawashiwe isikhathi eside. Ikhethenisi linombala osaliphuzi, lingcoliswe intuthu yogwayi, mhlawumbe.

Ngembobo encane, ngibona ibhodi lasemgaqweni ngaphandle. Owesifazane onamazinyo amhlophe, ubambe ishidi elimhlophe qwa. Kuvela amagama ezindebeni zakhe. ‘Ngathi yintsha! Ngaso sonke isikhathi!’ libhalwe lokho. Intombazane encane iyaqalaza ingasekhabethini lasekhishini, ijabulile. Ngibuyisa amehlo wami kusuka kumama osebhodini lomgwaqo neshidi lakhe elimhlophe. Empeleni kwenzakalani lana?

Ngasemnyango kukhona ilephuthophu esetafuleni, ujeke wamanzi ongenalutho, isitulo esibi, esinemilenze eyizikwele emikhulu. Ngiyasondela. Kwisikrini kukhona isithombe samantombazane asemancane afana nami, amile ekukhanyeni okungekuhle. Izithombe zomakhalekhukhwini.

Ingabe yiso lesi sizinda seminingwane? Ngiyasondela. Nangu mina phakathi nendawo, ngigqoke isiketi sami sesikole namabhuthi kasisi wami amahle, ngimomotheka nginethemba.

Utheni uLiwa? ‘Inani elingcono kakhulu.’

Manje angisakwazi ukukumomotheka. Le ndawo inyantisa umzimba.

“Ikamelo lokulala likabani leli?” Ngiyabuza.

UDavid uyangidlula uya egumbini elingaphakathi. Ugadlaza umnyango ebusweni bami, uyawuvala, ethi “Linda lapha.”

Ngishaya umnyango. “David?”

Kukhala umnyango waphaseji. Ngishaya futhi umnyango ‘wehhovisi’. Ngiyawukhahlela. “Heyi!”

Ngiphendulwa izwi elihlekayo. Izwi lentombazane, elihohozelayo. Ngaphandle kokujabula. Lishaya sengathi ingqindi enhliziyweni yami.

Hewu Nkulunkulu.

Ngale kwefasitela umama othandekayo, uyamomotheka ngamazinyo wakhe abanikayo. Angisayikhumbuli indlela umlomo kamama wami ome ngayo.

Ungethuki Babalwa, ngiyazitshela.

Mhlawumbe uDavid uye ezitezi ezingenzansi ukuyophrinta ifomu yokuvikela kwicala. Mhlawumbe nje wenziwa ukungabi nozwela, njengoba engivalela.

Ngiyaqhela kusuka embhedeni obukeka unyinyiphele. Awudingi umshini wokuwasha ukuze izinto ezivamile zihlanzeke. Ngizama ifasitela. Livalwe ngamabhawoti!

“Kunganiiii?” Ngiyamemeza.

Ngishaya ingilazi ngesandla sami. Sikude kakhulu kusuka esitaladini.

“Heyi!” Ngiyamemeza, ngokuyize.

Ngilimaza amadlebe wami nje kuphela, ngiyezethusa ngezwi lami elidinga usizo. Uthe, ‘linda lapha;. Nakanjani kade engazimisele ukungivalela.

Ngibuza umama osebhodini lomgwaqo: ‘Kade ezimisele?

Umnyango uyavuleka ngemva kwami.

Ngiyajika, ngokulangazelela, kodwa akuyena uDavid. Indoda ende, ekhuluphele. Ugqoke kahle kodwa umahliphihliphi, utshwala noma isidakamizwa esithile simenze wangcola. Amehlo wakhe ngathi ingilazi futhi amanzi. Ngake ngawabona lawo madoda eshibhini, begqolozele mina noNomsa sengathi izinja ezilahlekile. Kodwa lona ulambile, akalahlekile.

Amathanga wakhe akhuluphele enza ukuthi ibhulukwe lakhe elihlaza okotshani limqine. Isisu sakhe sivela kwizinkinobho ezimbambile zehembe lakhe elumbala osamsomi. Umbala obomvana noluhlaza okotshani yiyo imibala yakhe ejabulisayo akayihlanganisayo, kodwa amehlo wakhe angathi awengulube agcwele ubudlova bodlezinye.

Usondela kancane ngakimi, ubudlova bakhe buzibambile, bulindele ukugadla. Umzingeli wabantu, uyasondela, ephefumulela phezulu. Akayona igamathandukwana. Ukhipha izwi elilodwa nje, izwi lakhe lifutheka umhaha: “Ntombazanyane”.

Le ndoda ingumdlwenguli.

Ngiyimvu yakhe yomhlatshelo.

Ngiqhashaqhasha efasiteleni, ngilinde imbobo engase ivuleke. Usondela ngokushesha, ukujwayele lokhu. Udonsa izinwele zami. Ngiyakliwula, ngiqinisela efasiteleni kodwa ungidonsa ngezinwele, ungilahlela phansi ngamadolo. Ungiphakamisa sengathi ngenziwe ngendwangu elula, hhayi ngamathambo nenyama. Usebenzisa umzimba wakhe omkhulu ukungicindezela embhedeni. Ngiyamemeza, ngiyala, ngiyakhahlela kodwa konke kuyize. Ubhonga ngaphezu kwami, intukuthelo yakhe iyakhuphuka njalo lapho ngenza umzamo wokuzikhulula ngaphansi kwakhe. Ngimuluma isidlathi, ngizwa ukubhobozeka kwesikhumba sakhe ngaphansi kwamazinyo wami. Ngizwa isigaxa senyama yale ngulube, ngithimisa ukunambitheka kwegazi. Uyakhala, uwela kumqulu wakhe ukuze abambe isidlathi sakhe. Ngiyaphuma ngaphansi kwakhe. Ngikhahlaza indololwane yami efasiteleni. Ubuhlungu bushaya inhliziyo kodwa ngiyalingqubuza futhi. Ingilazi iyaphihlika. Kubonakala sengathi izinkanyezi zindizela ngaphakathi. Umoya opholile uyangena kusuka kwisiphithiphithi sezimoto ezingezansi kwethu. Ngiyabhonga, “Aaaarghhh!” efasiteleni eliphukile. Ngikhohlwe ulimi.

Umdondoshiya wendoda uyasukuma sengathi ibulubulu, uhluthula isiketi sikasisi wami sebhizinisi. Ngiyaphakama sengathi umoya wase-Brixton, ngiwela futhi embhedeni ongcolile. Uba izilo eziyikhulu, engiphuquza, engishisa ngaphakathi nangaphandle, engenza izicucu ezincane. Uyangibulala ngobudlova bakhe obumnyama.

Lo mndondoshiya udovoza ilunga ngalinye lomzimba wami. Uyangivithiza.

Lapho esesukuma phezu kwami, angisaphili. Ngiyaphefumula nje kuphela.

Kugcwele igazi.

Ngijikisa ikhanda lami eceleni. Umama ongale kwefasitela eliphukile uyamomotheka; uphakamise ishidi lakhe elihlanzekile, elimhlophe qwa.

Isimiso sami senzizwa asisasebenzi. Ihadrayivu yami inqanyuliwe, yaphonselwa ezitaladini ezingcolile ngenzansi kwami.

Ngiyazi ukuthi noma yini engiyiyo, Ngishintsile. Angisoze ngaba uBabalwa futhi.

Isilo sikhuphula ibhulukwe laso. “Ngena,” uyabhodla kodwa akekho ongqongqozile.

Umnyango wekamelo elingaphakathi uyavuleka kancane. Umdlwenguli ukhuthuza ekhukhwini lakhe, ukhipha isikhwama semali esiwugqinsi. Ubheka uDavid, oqalaza ngasemnyango.

“Uyinkinga lo.”

UDavid uqalaza ifasitela eliphukile; uphawu lokuluma. “Nkosi.” Uqalaza ngakimi, ngisalele embhedeni. Uthi kulesi silo, “Ngizokunikeza isephulelo semali samakhulu amabili amarandi.’

Ngibheka imali eyiphepha iphathazela esikhwameni semali. Ibonakala iwashiwe futhi ya-ayinwa. Imali ehlanzekile.

“Inani elihle lentombazane eseyintombi,” kusho uDavid.

Isilo siqhikiza, bese sihlohla isikhwama semali ebhulukweni laso. Akabheki emuva.

Njengoba uDavid eya naso emnyango, ngishunuzela phansi, ngezandla nangamadolo.

***

Sicela umbono wakho: Ingabe ukudlwengulwa kushintsha ubuntu bomuntu ohlukunyeziwe, njengoba manje uBabalwa ekholelwa ukuthi ushintshile?