“Awusashiyi nawokugcina amazwi lawa!Sungaze ushiye umtanakho emncane kangaka kodwa Bonga”.Amazwi kanina ayelokhu ekhale ngawo ngomgcwabo wakhe.Unina wayithatha ingane kandodakazi wayikhulusa njengeyakhe wayiqamba ngo Nqobile ngoba yona yakunqoba ukufa sekusemnyango.

Kwase kudlule ngaphezu kweminyaka eyishumi nesikhombisa kwenzeka lokhu.UMziwoxolo wayeseze wagana kodwa lutho izingane. Waze waya kwabahlolayo kwavela ukuthi unayo indodana kumele ayithole ayenzele imfaneko zakhona. Emsebenzini waxoshwa ngemva kokubanjwa ukuthi ulala nabasebenzi. Unkosikazi wavele wathola isoka kamakhelwane esehlala khona.

Emfuqulwini wezinto zakhe zase msebenzini wathola ibhuku elinemniningwano yezisebeni zasefemini ezindala phakathi lapho khona nenombolo kanye nekheli lika Bonga.Inombolo yamphosa ehlahleni . Nhlanhla leyo wayene madlana encane ayeyibekile ebhange wakhipha yona wathenga uphithiloli wanikela oLundi kwaCeza indawo eyofuna ekhaya lika Nokubonga.

Ikheli wayenalo vele ngakho kwaba lula ukuthi athole.Wathi mengena nje emnyango wabona umfanyana osekhulile ofana nseke naye.Akakwazanga ukuzibamba unina kaBonga wavele wakhala kakhulu kwase kumcacele ukuthi uyena yise kaNqobile lo.Wakhumbula izinto azenza ingane yakhe eyase imxoxela zona okwenza wavele wayikhumbula ingane yakhe okwakungu zinyo bulala.

Kuthiwa indoda kayikhali kepha zavele zaziqathakela inyembezi kuMziwoxolo nxa esezwa ukuthi uBonga sashona kudala. Waba nokuzesola okukhulu.Unqobile waphatheka kabi Uma ezwa ukuthi unina omzalayo washona eqeda kumzala nje ngakho kodwa.Impela unyawo kalinampumulo uthi buwazi ukuthi isikhondlakhondla sako Bhengu siyoke sifike ekhaya lika Bonga lona amphathisa kwenja.

“Impela ndodana unyawo alunampumulo;Hlonipha umhlaba ukuze nawo uzokuhlonipha” lawa ngamazwi kanina ka Nokubonga bebuya elibeni lakhe ngemveni uMzi ethathe isinqumo sokuyo xolisa.