Kusemini kanti noBonga akangenile emnsebenzini.Isimo sezulu sibafazi bedube inyama.Yize kunjalo uNokubonga uzihudulile waya emtholampilo ngenxa yaleli khanda elimphatha lingamyeki. Kuthe kusenjalo esakulayini wokubona udokotela kungene ucingo.Mayethi nhla unina engabe esapholisa maseko alubambe “mawami engimthandayo” emamatheka.Ngokuhlupha kwenethiwekhi ivele icime bengasa khulumanga nokukhuluma.Imphathe kabi leyonto uNokubonga phela unkabi lo umkhonzile kakhulu unina futhi efona nje naye becabanga ukumfonela.

“Olandelayo!” Kumemeza unesi. Kwabe sekungu Bonga osekuqaleni.Nebala angene egumbini lika dokotela bamxilonge okuyilapho athola khona ukuthi uzithwele futhi unesandulela ngculazi.”Hhayi bo dokotela akukwazi!! Sacela siphinde sibhekisise kabusha.”Kuncenga uBonga nezinyembezi zizehlela ebsweni.”

“Ntombazane angnalo ilanga lonke; wena uma wenza ucansi olungaphephile bulindeleni??Nawoke umvuzo omkhulu” kusho unesi ngokufutheka.”Kuzomele uqale ukuxukuza ngokukhulu ukushesha” eqhuba .

Wavele wama nse umhlaba kuNokubonga kwamunyama amehlo. Esendleni eya endlini yakhe zazikokhu zigeleze njalo inyembezi ebusweni bakhe.Nhlanhla leyo esasendleleni kuqhamuke imoto kaMzi asale esethola inyawo elula.Yize bengafune kukhuluma namuntu esale esegibela phel uNokubonga ngesimo sokumsaba umphathi wakhe uMzi. Abone sekuyintuba yokumtshela uMzi njengomuntu omfake kulolu bishi.

“Dlabazane ngizithwele futhi lengane eyakho” esho ziqathaka inyembezi.”Okunye ungfakele ukugula Mzi “ekhala kakhulu uBonga. Kungathi ndiki kweyaka Bhengu ingane kunalokho wavele wenza ihlaya ngesimo saBonga waqede wamtshela ukuthi akasikhiphe isisu ngoba yena akanasikhathi sengane.Ilapho ke abangazwananga khona wagcina esehamba uBonga bengezwene.

Ngenxa yokungaphathethi kwaBonga kahle empilweni wagcina eselova iviki lonke yize ayebikile.Ekbuyeleni kwakhe wafica sekukhona omunye umuntu esikhaleni sakhe.UMziwoxolo Bhengu okungumphathi wakhe wamxoshisa kwenja.Konke lokhu ukwenziswa ilukuluku lokuthi uBonga wanqaba ukukhipha isisu. Samphoqa ke isimo uNokubonga ukuthi abuyele Kubo.Esebhasi ebheke Kubo wayelokhu ekhale njalo engazi unina uzombhekelwa ubani.

Yize kwakunzima; unina wamamukela kunjalo.Ekuhambeni kwesikhathi waxola futhi wasekela undodakazi.Omakhelwane base bephuza ngayo itiye lendaba.Kwahamba kwaze kwafika iskhathi sokuthi atete uBonga okuyilapho athola khona ingane yomfana angazange esakwazi ukuyiqamba negama ngoba wavele wathula khona lapho ngemva kokuzala.