Ethi engena nje uNokubonga ahlangabezane nomphathi esehleli kusofa ephuza isphuzo sohlobo oluphambili .UMziwoxolo Bhengu okunguyena umphathi walefemu ibhungu lensizwa edabuka endaweni yase Goli e Newton. Uswahla lwensizwa lolu mude abe yidakhi ebese abe nomzimba omncane. Lolu uhlobo intombi eningi eluyaye lulufise uma luzoshelwa insizwa. Uyabukeka uDlabazane impela kanti futhi uyakwazi ukuqondanisa uma ezoku gqokela. Enjalo nje usamuncane kakhulu ngeminyaka yikho ukuthi uphumelele esemuncane kanti nabazali bamshiya ngesthabathaba somuzi nezimoto nxa sebendela koyise mkhulu.Abaziyo bayaye bethi imali iyazwana.

Angene uNokubonga ahlale eduze kwamphathi; “Mphathi ubungi biza?”Kubuza uNokubonga ngephimbo eliphuphuma inhlonipho.Abeke igilazi etafuleni uMzi abuye ehlale phansi abuke uNkokubonga owayesewathe njo phansi ebalekisa amehlo kumphathi wakhe engafuni ehlangane.Ahleke kancane uMzi abeke isandla ethangeni lika Nokubonga asondele amuthi manqa esihlathini. Amehlo usalokhu ewahlabe phansi uNokubonga; “Lalela wesisi wabantu ngazongi chithela iskhathi la wena usawufuna lomsebenzi noma chaa?” Kubuza uMzi ngenkulu intukuthelo.Kuthule ehhovisi aqhube umphathi “Uma ngabe usuzibona uncono knalefemu yami shaya isishwapha sakho uphume la nxiii” kubhavumuka uMzi owayegquqe wamnyama thu ngenkani intukuthelo.

Izinyembezi zilokhu zigeleze njalo kuNokubonga ubuso sebuze buthophile njengoba ayemhlophe ngokwebala. Ekufikeni kwakhe uNokubonga waphoqeleka ukuthi agcine eselala noMzi njengoba umuntu ayeze naye wamjikela wena owabona utshwala esiswini.Umsebenzi lona wawuthola kanjalo; wabe esephoqwa ukuthi afake inyufomu encane ephoqwa uye umphathi lo.Umnu Bhengu wayenokumbiza ehhovisi lakhe ezenzele ngaye.Ngingaku beka kucace ukuthi uBhengu wayengenayo inhlonipho ngabesifazane indlela ayemphatha ngayo uBonga Kanye nabanye.

Ukuba kuleli hhovisi kwavele kwabuyisa yonke imcabango nokukhohlakala okwakwenziwa u Bhengu kumaCele.Losofa ayehleli kuwo iwona kanye uMzi athathela kuwo ubuntombi bakhe.Asule inyembezi afose ukumamatheka “Ngiyaxolisa mphathi ukuthi nje angizizwa kahle namuhla kanti sekuneskhathi ngingazizwa kahle ayidle ishiyele Dlabazane”.Ukuzwa lamazwi kwalehlisa ugwebu kuMzi phela unkabi yize bengenayo inhlonipho kodwa bethanda ukuhlonishwa. Kube yiso leso uMzi azenzele enganeni yakoNdosi kungakhathalekile noma isikhala imncenga ukuthi ayiyeke.