Kusemafemini kukhala imshini iyasina iyadedelana kunoku xokozela kuthi kusenjalo kzwakale isipikha esiqhamuka ehhovisi labaphathi simemezela.

“Nokubonga Cele !Nokubonga Cele !uyadingakala ehhovisi lomphathi”

UNokubonga Cele lona intokazi edabuka endaweni yaso Lundi kwaCeza indawo. Imhlophe ngokwebala imakwethu;Inyathela ngabantwana bese ima kahle wena owabona ibhodlela le wayini elibizayo ebese ibhansela ngokuphuphuzela uboya umzimba wonke; Yinhle intokazi lena.UNokubonga usanokufika eGoli ezofuna amatoho ngoba ethenjiswe ingane kamakhelwane ukuthi izomkhulumela nomphathi wefemu thizeni ukuze emqashe. Nebala kwaba njalo yize lomsebenzi awuthola ngokukhokha ngobuntombi bakhe.

Asikho ke lapho; kuthe kusenjalo ayeke akwenzayo uNokubonga aphuthume ehhovisi lakhe umphathi. Ihhovisi lamphathi livulekile bese liba nefenisha yohlobo oluphambili; Kukhona itafula lengilazi elikhulu elihambisana nestulo esinamasondo seleda kanye nezimbili eziphambili ebese kuba yikhabethe elinama fayela omsebenzi kanye nesphuzo sohambo oluphambili nosofa bohlobo oluphambili; Obondeni kugcwele izithombe zomphathi ethola iziqu zakhe ezahlukahlukene kanye nezitifuketi zakhe umbhemu lo.

Ngale kokunanaza angene esephoseka uNokubonga ehhovisi kwazise phela ubeyintandokazi yakhe umphathi. Imakwabo ifake encane le inyufomu kanye namateki obekuyinto engavumelekile kulefemu kodwa ke ungathini ngoshomi babaphathi.