Umxoxi: Kwasukasukela

Abalaleli: Cosu

Umxoxi: Kwakukhona umnumzane othile owayefuye izilwane ezimbili

Abalaleli: Mh!

Umxoxi: Lezi zilwane kwakuyinja nekati. Ekuqaleni lezi zilwane zabe zizwana kakhulu. Nokho

indlela ezaziphethwe ngayo umninizo yayigcina izixabanisa. phela inja yakhononda, ibona ukuthi

umnumzane lona uyayibandlulula. Ikati lona lalivunyelwe ukungena endlini lizihlalele khona

kodwa inja yona ihlaliswa emnyango. Ikati lalize likhwele ngisho phezu kombhede imbala, kodwa

inja babeyixosha isathi iyangena nje emnyango.

Kwakuyihlupha kakhulu inja lokhu. Yagcina ngokuba ibonisane nekati ngesimo sezinto. “Lendaba

engizoyikhuluma nawe isingihluphe kakhulu emoyeni wami, mngani wami,” kubalisa inja.

“Kahle wena! Ngabe yini ekuphethe kabi na?kubuza ikati ngokumangala. “Kodwa ungabuza uthini

lokhu nawe uyazibonela nje ukuthi ngiyabandlululwa lapha ekhaya na? Angithi mina ngihlala

phandle, ngisho libalele ngisho lina ngisho kumakhaza! Wena uhlala endlini ngoba kwenzenjani?!

Libone ikati ukuthi zimbi izinto. Nokho leswele impendulo. Ligcine ngokuthi, ” Nami angazi

mngani wami. Ngumnumzane owaziyo. kungcono ubuze yena. “Pho manje ngizombuza kanjani

ngoba kangihlali naye? Mina ngibona ukuthi kungangcono ngithumele wena uyongibuzela,”

kusho inja. “Ngiyezwa mngani wami kepha ngiyesaba. Ngingamqala ngithini nje umnumzane?”

kusho ikati lizilandula. “Mhlawumbe isu elingcono wukuba umbhalele incwadi. Mina

ngingayithatha ngiyobanikeza ngenkathi behlezi etafuleni bedla ukudla. yisona isithuba esihle

leso abangayifunda ngaso incwadi yakho. uma bekuphendulile, ngiyoyiletha futhi impendulo.”

Inja yajabula kakhulu ngalesi seluleko. Nempela yalithatha iphepha yalithi klwi klwi, ibhalela

umnumzane yethula isikhalo sayo. yayithatha incwadi yayinika ikati ukuba liyimukise

kumnumzane. Ikati lakwenza lokho ngothando nangokuzimisela. Lafike layibeka phezu kwetafula

incwadi. Nokho umnumzane wayelibele wukudla, walibuka nje leli pheshana elingcolile,

walibuyisela eceleni. Kamuva kwafika intombazane ephekayo izoqoqa izitsha . Yalibona

ipheshana yalilahla emgqonyeni wezibi, yahamba yayochitha ezaleni. kwaphela izinsuku

ezimbalwa inja ilindele impendulo kodwa phinde. Hawu! Kungenziwa yini ukuba umnumzane

angayiphenduli nakuyiphendula na? Kanti uyayibandlulula ngempela? kucabanga inja. Emva

kwesikhathi yaqala yasola ikati. “Mngani wami, ” kusho yona inja, ibhekise ekatini. “Ngabe

wayihambisa nje incwadi engangikuthume yona kumnumzane?

“Cha ngayihambisa impela, ubuziswa yini” kusho ikati limangele. Ngibuziswa ukuthi awukaze

uyilethe impendulo. Khuluma iqiniso, kati, wayihambisa ngempela incwadi na?” isiyagwavuma

manje inja. Ithukuthele. “Ngayihambisa incwadi. Yiqiniso lelo. Uma umnumzane engakuphenduli

kangingene lapho mina. Kuhle umqonde wena ufike umbuze, ” kusho ikati nalo seliqala

ukuthukuthela.

“kulungile, katshana, kodwa lizovela iqiniso,” kusho inja ikhombisa ukungalethembi ikati. Nokho

yayinenkinga yokuthi izomqala ngaphi umnumzane uma imbuza ngempendulo yayo na. Qha

yahlala nje yalinda. Kuthe lusuko lumbe izifunela ekufunayo ezaleni yahlangana nencwadi

eyayibhelele umnumzane. “Habe! Kanti ikati leli yisitha sami? Kanti lithi incwadi layimukisa

kumnumzane nje kanti liqamba amanga. Nansi phela le ncwadi. Layithatha lazoyilahla lapha

ezaleni. Awubheke ukuthi isingcole kanjani! Awubheke ukuthi isiklebhuke kanjani. Ngizolithola

kahle ikatshana leli. lizongifunda lingiqonde ukuthi ngingubani mina, “kusho inja isithukuthele

ithelwa ngamanzi.

Ngawo lowo mzuzu yalibona ikati lixosha igundane ezaleni. Ayibange isabuza. Yalidumela

ngomsila, yafaka amazinyo. Lathi liyazikhalela ikati yalidumela ngentamo, yafaka amazinyo.

Labona ikati ukuthi liyafa manje. Nalo lakhipha amazipho alo, lagalela ngezidlala zalo ebusweni

benja lithi likhipha amehlo. Yezwa ukuthi kuyashisa inja yalidedela ikati. Yasho ngomlomo manje

yathi, ” Wena ngikuthuma incwadi kumnumzane, wena uyilahla ezaleni. Ungenza isithutha sakho,

hhi” Labona ikati ukuthi inja ithukuthele kakhulu, ingalibulala nokulibulala. Labaleka langena

endlini, layocasha ngaphansi kombhede. Yaqala kanjalo impi phakathi kwenja nekati, kuze kube

namuhla lokhu lezi zilwane azibhekani. Njalo lapho zihlangana khona kusuka enkulu impi.

Cosu Cosu!

Iyaphela ke!

Abalaleli: Siyabonga. Yaze yamnandi indaba yakho!