Umxoxi: Kwasukasukela
Abalaleli: Cosu
Umxoxi: Kwakukhona umnumzane othile owayefuye izilwane ezimbili
Abalaleli: Mh!
Umxoxi: Lezi zilwane kwakuyinja nekati. Ekuqaleni lezi zilwane zabe zizwana kakhulu. Nokho
indlela ezaziphethwe ngayo umninizo yayigcina izixabanisa. phela inja yakhononda, ibona ukuthi
umnumzane lona uyayibandlulula. Ikati lona lalivunyelwe ukungena endlini lizihlalele khona
kodwa inja yona ihlaliswa emnyango. Ikati lalize likhwele ngisho phezu kombhede imbala, kodwa
inja babeyixosha isathi iyangena nje emnyango.
Kwakuyihlupha kakhulu inja lokhu. Yagcina ngokuba ibonisane nekati ngesimo sezinto. “Lendaba
engizoyikhuluma nawe isingihluphe kakhulu emoyeni wami, mngani wami,” kubalisa inja.
“Kahle wena! Ngabe yini ekuphethe kabi na?kubuza ikati ngokumangala. “Kodwa ungabuza uthini
lokhu nawe uyazibonela nje ukuthi ngiyabandlululwa lapha ekhaya na? Angithi mina ngihlala
phandle, ngisho libalele ngisho lina ngisho kumakhaza! Wena uhlala endlini ngoba kwenzenjani?!
Libone ikati ukuthi zimbi izinto. Nokho leswele impendulo. Ligcine ngokuthi, ” Nami angazi
mngani wami. Ngumnumzane owaziyo. kungcono ubuze yena. “Pho manje ngizombuza kanjani
ngoba kangihlali naye? Mina ngibona ukuthi kungangcono ngithumele wena uyongibuzela,”
kusho inja. “Ngiyezwa mngani wami kepha ngiyesaba. Ngingamqala ngithini nje umnumzane?”
kusho ikati lizilandula. “Mhlawumbe isu elingcono wukuba umbhalele incwadi. Mina
ngingayithatha ngiyobanikeza ngenkathi behlezi etafuleni bedla ukudla. yisona isithuba esihle
leso abangayifunda ngaso incwadi yakho. uma bekuphendulile, ngiyoyiletha futhi impendulo.”
Inja yajabula kakhulu ngalesi seluleko. Nempela yalithatha iphepha yalithi klwi klwi, ibhalela
umnumzane yethula isikhalo sayo. yayithatha incwadi yayinika ikati ukuba liyimukise
kumnumzane. Ikati lakwenza lokho ngothando nangokuzimisela. Lafike layibeka phezu kwetafula
incwadi. Nokho umnumzane wayelibele wukudla, walibuka nje leli pheshana elingcolile,
walibuyisela eceleni. Kamuva kwafika intombazane ephekayo izoqoqa izitsha . Yalibona
ipheshana yalilahla emgqonyeni wezibi, yahamba yayochitha ezaleni. kwaphela izinsuku
ezimbalwa inja ilindele impendulo kodwa phinde. Hawu! Kungenziwa yini ukuba umnumzane
angayiphenduli nakuyiphendula na? Kanti uyayibandlulula ngempela? kucabanga inja. Emva
kwesikhathi yaqala yasola ikati. “Mngani wami, ” kusho yona inja, ibhekise ekatini. “Ngabe
wayihambisa nje incwadi engangikuthume yona kumnumzane?
“Cha ngayihambisa impela, ubuziswa yini” kusho ikati limangele. Ngibuziswa ukuthi awukaze
uyilethe impendulo. Khuluma iqiniso, kati, wayihambisa ngempela incwadi na?” isiyagwavuma
manje inja. Ithukuthele. “Ngayihambisa incwadi. Yiqiniso lelo. Uma umnumzane engakuphenduli
kangingene lapho mina. Kuhle umqonde wena ufike umbuze, ” kusho ikati nalo seliqala
ukuthukuthela.
“kulungile, katshana, kodwa lizovela iqiniso,” kusho inja ikhombisa ukungalethembi ikati. Nokho
yayinenkinga yokuthi izomqala ngaphi umnumzane uma imbuza ngempendulo yayo na. Qha
yahlala nje yalinda. Kuthe lusuko lumbe izifunela ekufunayo ezaleni yahlangana nencwadi
eyayibhelele umnumzane. “Habe! Kanti ikati leli yisitha sami? Kanti lithi incwadi layimukisa
kumnumzane nje kanti liqamba amanga. Nansi phela le ncwadi. Layithatha lazoyilahla lapha
ezaleni. Awubheke ukuthi isingcole kanjani! Awubheke ukuthi isiklebhuke kanjani. Ngizolithola
kahle ikatshana leli. lizongifunda lingiqonde ukuthi ngingubani mina, “kusho inja isithukuthele
ithelwa ngamanzi.
Ngawo lowo mzuzu yalibona ikati lixosha igundane ezaleni. Ayibange isabuza. Yalidumela
ngomsila, yafaka amazinyo. Lathi liyazikhalela ikati yalidumela ngentamo, yafaka amazinyo.
Labona ikati ukuthi liyafa manje. Nalo lakhipha amazipho alo, lagalela ngezidlala zalo ebusweni
benja lithi likhipha amehlo. Yezwa ukuthi kuyashisa inja yalidedela ikati. Yasho ngomlomo manje
yathi, ” Wena ngikuthuma incwadi kumnumzane, wena uyilahla ezaleni. Ungenza isithutha sakho,
hhi” Labona ikati ukuthi inja ithukuthele kakhulu, ingalibulala nokulibulala. Labaleka langena
endlini, layocasha ngaphansi kombhede. Yaqala kanjalo impi phakathi kwenja nekati, kuze kube
namuhla lokhu lezi zilwane azibhekani. Njalo lapho zihlangana khona kusuka enkulu impi.
Cosu Cosu!
Iyaphela ke!
Abalaleli: Siyabonga. Yaze yamnandi indaba yakho!