Bekoba kuhle uzifune kusenesikhathi,

Isikhathi nosuku akwaziwa,

Isikhathi soze sakulinda,

Yiso les’isikhathi ungabe usalinda,

Zikhonkotha ehambayo.

Phokophela phambili mtanami,

Usizi phambili luyophela,

Uma uzwa amandla ephela,

Ungaphezi ukuthandaza,

Zikhonkotha ehambayo.

Uze ungamethembi umuntu,

Nabo imbala, abazethembi,

Wena uphiwe nguSomandla,

Ufumbathisiwe amandla,

Amandla onawo afihliwe.

Zikhonkotha ehambayo.

Indlu yegagu iyanetha,

Banake wena nje,

Bakhohliwe ngezabo zibaxakile,

Khohlwa ngabakushoyo,

Bathunga izicathulo, ezabo zidabukile,

Lempilo ingeyakho, bengakulawuli,

Naw’ungabalawuli ngezimpilo zabo,

Ezandleni ufumbathisiw’amandla,

Zikhonkotha ehambayo.

Bazokusongela bakubophele,

Ulwe ukuz’uphumelele,

Uvuke besalele ngoba,

Ayikho inkomo yobuthongo,

Ungabi yisithunzi sabo,

Kepha uzakhele isithunzi kubo.

Impumelelo yakh’isezandleni zakho,

Abangafun’uphumelele, ubajabhise.

Uzithobe njalo emhlabeni,

Abangawuthobeli uyabahlaba,

Zikhonkotha ehambayo.

Abantu bayohlezi bekhuluma,

Babekelwa ukukhuluma nabangakwazi,

Noma bengakwazi bazokukhuluma,

Ungabanaki abakhuluma ngawe,

Ubanake abakhuluma nawe,

Wenza kahle, bakukhuluma kabi,

Wenza kabi, bakukhuluma kabi,

Zikhonkotha ehambayo.

Ehambayo ziyikhonkotha ngemuva,

Emile zilala ngemuva kwayo,

Isinamuva likhwela izagila,

Uboba isinamuva elibukwayo,

Ubekelwe ukwenza ezibukwayo,

Bakubukela kude namuhla nje,

Kusasa bazokubunga okwezimpukane

Zikhonkotha ehambayo mtanami.